LIZIDONSELE amanzi ngomsele ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC eligxeke umbiko woMvikeli woMphakathi obambile, u-Advocate Kholeka Gcaleka, othole umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, engenacala ngodaba oluthinta ukugqekezwa kwepulazi lakhe.
UMnuz Andile Lungisa, owaziwa ngokweseka owayengumengameli, uJacob Zuma, uzobhekana nekomiti lokuqondiswa ubugwegwe emva kokuthi egxibhe umbiko ka-Advocate Gcaleka ezinkundleni zokuxhumana.
U-Advocate Gcaleka usanda kuthola uRamaphosa engenacala embikweni awukhiphe ngeledlule.
ULungisa ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngisho nengane yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili ngeke ivumelane nombiko ka-Advocate Gcaleka.
Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe uLungisa uzothweswa icala.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngezinqumo ezithathwe emhlanganweni wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC.
"Isikhathi sobuhlongandlebe siphelile kwi-ANC. ULungisa kufanele achaze ngale nkulumo yakhe. Akukwazi ukuthi ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC lingakhiluma into ephikisanayo naleyo ekhulunywe i-ANC.
"Ngizombhalela uLungisa, ngifune incazelo. Mhlawumbe into engcono angayisho ukuthi athi akusiye obhale le nto. Ngizombeka icala, usezoziphendulela phambi kwekomiti lokuqondiswa kobugwegwe."
ULungisa akusikona okokuqala ezithola esobishini.
Ngesikhathi eseyikhansela kuMasipala iNelson Mandela waboshelwa icala lokushaya ikhansela leDA alishaya ngojeke ekhanda.
Wagwetshwa iminyaka emibili kepha washeshe wadedelwa ngoshwele.
Lesi sigwebo sacishe samphuthisela ngokuqokelwa esigungwini esiphezulu se-ANC njengoba kwakukhona ababethi akakufanele ukungenela umbango wezikhundla engqungqutheleni yangonyaka odlule phela i-ANC inomthetho othi abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni.
Wagcina evunyelwe ukungenela umbango wezikhundla.
Esithangamini nabezindaba, uMbalula ugxeke isigameko sokushaya esibandakanya abaqaphi bephini likamengameli, uMnuz Paul Mashatile.
UMbalula unxuse ukuba bathathelwe izinyathelo abaqaphi ababandakanyeka kulesi sigameko.
“Kufanele kube nophenyo olunzulu. Sifuna ukwazi ukuthi yini eholele ekutheni abaqaphi bagcine besebenzisa isihluku esingaka kubantu abebengahlomile. Abantu abashayiwe babukeka besebancane, asazi ukuthi bebeshayelwani.”
UMbalula ugxeke amaqembu ezepolitiki wathi asebenzisa lesi sigameko ukuzuza amaphuzu ezepolitiki.
“Bahambe bekhuluma bethi laba abaqaphi be-ANC. Angazi ukuthi basho kanjani ukuthi abaqaphi abe-ANC ngoba wonke umuntu uyazi ukuthi abantu abangamaphoyisa.”
UMbalula uphinde waveza ukuthi bajabule ngendlela osekwehle ngayo ukucishwa kukagesi.
UMbalula uthe kungekudala izophela nya indaba yokucishwa kukagesi.
“Kuke kwasabalala imibiko yokuthi ukucishwa kukagesi kuzonyuselwa esigabeni sesishiyagalombili. Kuze kwaba khona nabathe kusazoba mnyama bhuqe ezweni. Iqiniso ukuthi sisebusika lapho khona abantu bewusebenzisa kakhulu ugesi kodwa ugesi awusacishwa kakhulu. Lokhu kuzowulekelela kakhulu umnotho wakuleli.”