USALE edidekile undunankulu wesizwe saseMahayizeni, eNkandla, ongowomndeni wakwaNtuli okushone kuwo amalungu awo ayisishiyagalombili, kugingqika itekisi abebehamba ngayo ekuseni ngoMsombuluko, beya emshadweni.
Undunankulu uMduduzi Ntuli ukhulume neSolezwe, wazwakalisa ukuphatheka kabi kwabo njengomndeni ngento ebehle ngaphezulu.
Uthe bagqemeke udume lwengozi ngokuhamba emhlabeni kwamalungu amaningi kangaka ngesikhathi esisodwa.
Uveze ukuthi bebekade bebhekise amabombo eMandaba, khona eNkandla emshadweni.
"Ingozi yenzeke kade besendleleni beya emshadweni. Sithole ucingo obelusazisa ngokuthi sekwehle umshophi onjena ekhaya,'' usho kanje.
Ubezwakala noma ekhuluma ukuthi le nto kusenzima ukuba ayikholwe ukuthi yenzekile ngampela. Kuthe uma intatheli imcela ukuba abale ngamagama labo abahambile emhlabeni waqala wathi: "Eyi kusaduma ikhanda angazi noma ngizokwazi yini ukubasho,'' usho kanje.
Kodwa ugcine ebashilo ngamagama bonke abahambile emhlabeni kule ngozi. Ubale umakoti wabo uNkk Sibusisi Khanyile, Nksz Nomfundo Khanyile, Nksz Xolile Khanyile, Nksz Nokubonga Majola, Nksz Ntombifuthi Majola, uNksz Duduzile Majola, umzala wabo uNksz Slindile Goqo nomakhelwane wabo obebaphelezela uNksz Mbali Biyela.
"Impela sididekile, kubi kakhulu lokhu okusehlele asazi nokuthi sithini kubani, kuduma amakhanda lapha kithina.“
Uthe abanye abangu-8 baphuthunyiswe esibhedlela nakhona isimo sisibi.
Uthe sebethemba uNkulunkulu ukuthi laba abanye uzobahlenga kube ngozi makhaza.
"Sesikhulekela ukuthi uNkulunkulu abe nathi basinde laba abanye abaphuthunyiswe esibhedlela.“
Isolezwe likhulume nekhansela lakuWard 6, okuyilapho okwenzeke khona ingozi, uMnuz Sfundo Ngobese obekhona endaweni yesigameko, othe bashaqekile ngale ngozi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ubekhona endaweni yesigameko eduduza izihlobo nabangani.
Uzwakalise ukushaqeka nokukhulu ukudumala ngengozi eyehlile, wathi okubuhlungu kakhulu ukuthi kuhambe emhlabeni abantu bomndeni owodwa ngesikhathi esisodwa.
Khonamanjalo: Kube nenye ingozi enyantisa igazi eyenzeke eMondlo, khona izolo. Kubikwa ukuthi idlule emhlabeni nemiphefumulo yabantu abahlanu.
Kuvela ukuthi izimoto ezimbili zishayisene. Kule enye imoto kuvela ukuthi bekukhona iphoyisa uDetective Teboa Padi, obehamba ngemoto yomsebenzi.
Leli phoyisa kuthiwa emotweni belinoDkt Mxolisi Ndlela, naye oshonele endaweni yesigameko.
Khona izolo ekuseni, kube nenye ingozi emgwaqweni onguthelawayeka u-N2, okushone abantu ababili kuSpaghetti Junction eThekwini.
Esigamekweni lapho khona kugingqike khona ibhasi obekuthiwa belithwele abebeya emshadweni, kushone oyedwa kwathi abanye balimala kabi kule ngozi eyenzeke ku-R618 ngaphambi kwaseHluhluwe Game Reserve KwaHlabisa. Kusolakala ukuthi umshayeli webhasi limphunyukile.