ZIGODUKE zilambatha izalukazi ezimbili zaseHammarsdale, emuva kokuqolwa imali yempesheni ebeziyoyihola, ngoLwesithathu.
UNkk Ntombifikile Mazibuko waseMlaba Village eHammarsdale uhole eposini kwaWebber, uthe esendleleni eya esitobheni eyogibela wamiswa ngowesifazane osemncane abezitshela ukuthi ungusonhlalakahle, othe akamvezele imvilophi ebinemali.
Akambonanga eyithatha imali kodwa ufike ekhaya imvilophi isinamaphepha asikwe kahle sengathi yimali.
UNkk Nontsikelelo Mjoka wase-1 North obehamba nomzukulu uhole imali yakhe enxanxatheleni yezitolo eHammarsdale Junction, yena uqolwe ngabesifazane abazibize ngokuthi bayizimenenja zakwaPep, abathe bazomupha isipho.
Uthe ubesethi uyogibela wahlangana nabesifazane abasebancane ababili abathe bayizimenenja zakwaPep abanesipho abazomupha sona. Bangena naye ngaphakathi maqede bathatha igilosa yakhe nesikhwama esinemali, babaleka ngemoto.
UNkk Mazibuko uthe ubengaboni ukuthi uyaqolwa, lo wesifazane osemcane uthe ufuna ukumvakashela ekhaya abone ukuthi uhlala nobani .
"Sithe sisaxoxa wabizwa omunye, angibange ngisazi ukuthi uzobona kanjani lapho ngihlala khona uma esesala kodwa nganganaka. Ngibone sengisekhaya ukuthi emvilophini kufakwe amaphepha ," kusho yena.
UNkk Mazibuko uthenge iklabishi kuphela ngemali ayiholile uthe igilosa ephelele ubezobuye ayenze.
"Ngihlala nezingane angazi ukuthi ngizozithengela ngani ukudla," kusho yena.
UNkk Mjoka yena uthe usale engenayo nemali yokubuyela ekhaya usizwe uMnuz Xolani Memela noLuyanda Magutshwa, ababonile ngesikhathi ekhuluma nonogada eseqoliwe .
UMnuz Memela uthe baqale bacabanga ukuthi ugogo usolwa ngokweba, banganaki bangena ezitolo. Uma sebebuya bambona esebhocobele ehleli nomzukulu, kubonakala ukuthi udidekile.
"Sithe uma sikhuluma naye wasichazela ngokwenzekile. Ngalesi sikhathi nathi besingenakho okuningi esingamnika kona simthengele izinto ezimbalwa. Sase sifaka udaba lwakhe ezinkundleni zezokuxhumana.
“Bakhona abelule isandla bafaka imali samthengela ukudla. Sifike abantu bendawo ababone udaba lwakhe ezinkundleni zezokuxhumana abanye sebeqale nokumlungisela igceke ngoba belenile," kusho uMemela.
"Sijabule kakhulu ngokuthi athole usizo ngoba abanye abantu bebengasithembi bethi kwathina singamaqola, sisebenzisa usizi lomuntu omdala," kusho uMemela.
ULt Colonel Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe unxuse ogogo ukuthi baye eziteshini zamaphoyisa bayovula amacala ukuze amaphoyisa ezokwazi ukuphenya amacala abo.
Ithintwa ngalesi sigameko inxanxathela yezitolo, oyikhulumelayo uNkk Reann Singh, uthe ngeke akwazi ukuphawula izolo udinga isikhathi esithe xaxa ukuze aphendule.