USINDE ngokulambisa engozini yemoto umsakazi ozakhele igama esakaza emisakazweni evelele eThekwini.
UPhumlani Dube uthi akazi usinde kanjani ngesikhathi imoto igokloza imoto yakhe ngemuva ngesonto eledlule.
“Ngisezinhlungwini kumanje ngenxa yale ngozi. Nakuba ngiyakhuluma ngibonga uNkulunkulu ngokusinda imoto icishe iqeda ngami,” usho kanje.
Uthe le ngozi yenzeke emini engaseWorkshop eThekwini.
“Bengizihambela ngedwa kunezinto ebengiyozilungisa eThekwini, ngangenwa yimoto ngemuva,” kuchaza uDube.
Uthe uzwe umsindo omkhulu kwalandela ukubona igazi liphuma kuyena. Uthe esadidwe yilokho wabona abantu bengunga imoto bebabaza.
Uthe akuphelanga sikhathi esingakanani kwakuqhamuka i-ambulensi.
“Kubabaze abosizo lokuqala bedidwa wukuthi ngisinde kanjani kule ngozi ngesikhathi bebona isimo ebengikusona,” usho kanje.
Uthe ulimale kabi esifubeni, emlenzeni, ekhanda nasengalweni yakwesokudla.
Lokhu kulimala kwakhe kumise imisebenzi yakhe okubalwa kuyona owokujimisa osaziwayo okubalwa kubona abaculi base-Afrotainment uDJ Tira, Tipcee nabanye.
Akagcini lapho kodwa uphinde ajimise abesifazane ukuzivikela. Kuleli sonto ubengesinye sezikhulumi eziqavile emkhankasweni wokukhuthaza abafundi kodwa ngenxa yokulimala uthe uluhlehlisile lolu hlelo.
Mayelana nemoto abehamba ngayo uthe kuphelile ngayo kodwa uyaxoxisana nabenkampani emshayisile kanti bethembisa ukuluxazulula udaba ngokushesha.
UDube uzakhele ugazi engumsakazi weGagasi FM noKhozi FM nokuyilapho ebethula ezemidlalo.
Ugcine ukuzwakala emsakazweni ngesikhathi esekwiVuma FM okuyilapho ebengumdidiyeli wohlelo lukaLinda Sibiya kwiVuma FM.