ABEFUNDISI nebandla lakwaShembe bafuna
axoshwe ebandleni umfundisi okuthiwa ubusise umshado wamawele esilisa abehlanganiswa nenkosazana yakuleli bandla ngeSonto eledlule.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngemithombo yalo, umfundisi uNtombela (elingatholakalanga igama lakhe), ubizelwe umhlangano ophuthumayo wumhloli waseBuhleni uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ngoLwesihlanu.
Kuthiwa uNyazi ludinwe luyaqhuma ngesenzo sakhe esihudulele phansi igama lebandla.
“Abafundisi yibo ababize uNtombela ukuze ayochazela uNyazi ngesenzo sakhe. Isimo sishubile ngaphakathi njengoba kukhona abathi akaxoshwe ebandleni ngoba akaqali ukwenza into ephambene.
“Uyisangoma esiphuphile kanti izangoma azivumelekile kwaShembe.
“Ubengaqali, uke washadisa abantu, wahlambalaza ethandaza okuyinto engehlanga kahle kubantu ababewuthamele umshado.
“Okuphinde kucasule abantu wukuthi lo mfundisi useduze koNyazi futhi uyena onelungelo lokubusisa imishado eParadise loNyazi (eBuhleni),” kusho umthombo.
Emhlanganweni kuthiwa ulivumile icala umfundisi Ntombela, lase lihlehliselwa uLwesihlanu lapho kuzophuma khona isinqumo.
Ibandla kuthiwa lifuna kujeziswe amawele abeshada njengoba kunemibuzo yokuthi inkosazana ebishadiswa nawo iyivume kanjani le nto.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe akukuningi azokuphawula ngalolu daba ngoba lusaphenywa ngaphakathi.
“Ngizocela silinde imiphumela yophenyo ngoba udaba seluseNkosini. Nginxusa abantu ukuthi bangabhali ezinkundleni zokuxhumana ngezinto ezithinta ibandla bengenaso isiqiniseko ngokwenzekayo.
“Le nto esisabalele ihudulela
phansi isithunzi sebandla kanti ziningi izinto ezinhle
ezenzekayo ebandleni okungakhulunywa ngazo.
“Kumanje inkosi ilungiselela
ukuba nenhlangano eNtabazwe ngo-Agasti kodwa akukhulunywa ngalokho.
“NoKhuzani oyiNazaretha laseBuhleni, kumele engabe uyakhulekelwa ukuthi agcwalise
iMabhida njengoba enomcimbi omkhulu,” kusho uMncwabe.
Efonelwa uMfundisi Ntombela
unele wezwa ukuthi ukhuluma nentatheli, wathi usenkonzweni, maqede wavala ucingo.
Ngokwezithombe ezisabalele, abebeshada bangamawele.
Bebeshada nengoduso eyodwa, amawele abefake izindandatho nocu.
Bobathathu babeke izandla eBhayibhelini okuwuphawu lokuhlanganiswa kowesilisa nowesifazane abashadayo.