USOMABHIZINISI waseMlaza, uMax Mqadi, useqoke indodakazi yakhe uZinhle, njengesikhulu Esiphezulu (CEO) eMax's Lifestyle Village. UMqadi esitatimendeni esinamekwe ezinkundleni zokuxhumana uchaza indodakazi yakhe njengomuntu osenamava nofanelwe yilesi sikhundla.
"Asikungabazi ngoba useneminyaka eyingxenye yayo iminyaka eminingi, akukhona nje kuphela ukuthi uzokhulisa le ndawo ibe sezingeni kodwa ngamava akhe iMax's Lifestyle Village, izoba nekusasa eliqhakazile. Simfisela ukuthi konke kuhambe kahle kule ndawo ayithathayo, siyazigqaja ngesizukulwane sikaMqadi uzovikela igama lakaMqadi," kusho isitatimende.
Lezi zindaba zijabulise abaningi ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kubo nabanye osaziwayo kwazise le ndawo ihanjelwa omntakabani isikhathi esiningi.
"Okuhle kodwa Zinhle, azikhale," kusho uDJTira.
"Ngiyakubongela, ngiyakuthanda lokhu okwenzela izingane zakho. Kumele ushiye lo mhlaba ungakhathazeki ngabo nokuphatha amabhizinisi nokukhulisa umbono wakho. Kuhle lokhu esikubonayo," kusho uThuledu Msomi.