UKHALA ngosizo ukuze impilo ibuyele esimweni umndeni oshelwe wumuzi nayo yonke impahla ephakathi, okukholakala ukuthi uqalwe yizingane ebezidlala ngomentshisi, esigamekweni esenzeke eDube Village, KwaDukuza, ngesonto eledlule.
UNksz Xolisile Duma ohlala nezingane zakhe ezinhlanu, uthe isigameko esimehlele emva kokuthi kungqongqe yonke into basala nabagqokile okuvele ukuthi enye yezingane zakhe ezincane idlale ngekhandlela nomentshisi, yalayitha umlilo ngesikhathi yena esaphumile.
“Bengisanda kuphuma nje ngiyobheka umfaniswano wesikole walaba ababili ebengiwuneke kamakhelwane lapho bengiwashela khona ngenxa yokungabibikho kwamanzi ekhaya. Bafike kimi begijima bezocebana ukuthi umfana usevele washisa izimpahla, okuthe uma ngibheka ilangabi bese livele likhuza phezulu,” usho kanje.
Uthe ngebhadi izingane esezikhulile bezisesikoleni, kusele kuphele ezimbili ezincane ezingamawele njengoba zona ubezilovisile ngenxa yokuthi umfaniswano wazo wesikole ubungomile.
“Kushe konke, ngisho umazisi wami, izitifiketi zabo zokuzalwa namakhadi okuhola, sisele nesikugqokile. Ikhansela silibikelela, langenelela ukuxhumana nababhekelele izinhlekelele. Silethelwe izimpontshi nezingubo zokulala nezijumbana zokudla, silala komakhelwane,” kusho uNksz Duma.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Njabulo Cele, likuqinisekisile ukuthi udaba liyalwazi futhi zikhona izinhlelo abanazo ukusiza umndeni.
“Ngesikhathi sihambisa usizo, kwavunyelwane ngokuthi bazohlala emzini kadadewabo okwesikhashana ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuthi kulungiswe indlu yakhe ecekeleke phansi. Sithathe izinsiza nokudla sakuhambisa lapho behlala khona, njengoba sisalinde ukuthi umnyango obebhekelele izinhlekelele uphothule uhlelo,” usho kanje.
UCele usole uNksz Duma ngobudedengu ngokubeka ikhandlela nomentshisi lapho kufinyelela khona izingane, aphinde azishiye zihleli zodwa.
Ngesonto eledlule, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongiwe Sithole Moloi, emcimbini wokuqwashisa ngomlilo njengoba kungena isikhathi sasebusika, unxuse umphakathi ukuthi uhlale uqaphele kwazise ziningi izigameko zokucekeleka phansi kwempahla ngenxa yomlilo ikakhulu kulesi sikhathi samakhaza.