USOMABHIZINISI waseThekwini, uSbu Mpisane, ubonga ukuthi indodakazi yakhe, uSbahle, owaba nengozi yemoto emasontweni adlule neyathusa abaningi yamshiya esegunjini labagula kakhulu esibhedlela iSt Augustine, eThekwini, ayiphazamisekanga emqondweni.
UMpisane uthe konke akushoyo uSbahle selokhu eqale ukukhuluma emuva kokuba ephapheme kuyajabulisa.
“Izimpawu zempilo ziyabonakala futhi ziyajabulisa kakhulu yize esaphuma engena eTheatre ngenxa yokuthi odokotela kukhona izinto abasamxilonga zona. Ngithokozile ngendlela ayiyona emuva kokulimala kakhulu, odokotela benza konke okusemandleni ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile, usuku nosuku,” kusho uMpisane.
Uthe uzobambisana namaphoyisa uma esenza uphenyo mayelana nengozi.