BABE manqika ukusamukela esikhungweni semfundo ephakeme ngoba bebona silingana nezingane, isitshudeni esibe ngesincane kunazo zonke ebezithola iziqu e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) muva nje.
UClementine Ngidi (19), othole iziqu zeSocial Sciences in Community Development, ungenye yezinkulungwane zezitshudeni eziphuthwe wumcimbi ojwayelekile kulesi sikhungo ngenxa yemigomo kathaqa edalwe wubhubhane iCovid-19.
Utshele Isolezwe ukuthi ubengazi ukuthi nguyena uthunjana wasenyuvesi kulabo abebezokwethweswa iziqu.
UClementine okhulele eMzumbe, uthe nasekilasini kulesi sikhungo ubebizwa ngengane. Ngesikhathi eqeda * -matric eseyongena esikhungweni semfundo ephakeme, kwadingeka bakholwe ngoba sebebona isitifiketi sokuzalwa ukuthi akayena udado.
“Ngaqala isikole ngineminyaka emine ngoba emakhaya bebenganaki kangako. Babheka ukuthi ngiyingane ekhaliphile, ngasizwa nawukuthi angikaze ngifeyile selokhu ngaqala isikole. Ngaqeda * -matric ngingenawo umazisi, okwaba nzima nokufaka isicelo enyuvesi,” usho kanje.
Uthe wasifaka isicelo esebenzisa isitifiketi sokuzalwa esinenombolo kamazisi. Kukhona abamtshela ukuthi ngeke siphume isitifiketi sika-matric engenawo umazisi, okwenza wagcwalelwa nawumkhakha abefuna ukubhalisa kuwo kulesi sikhungo.
“Yaphuma imiphumela ka-matric, ngahlala ngilinde ukuphendulwa. Ngibone kushaya uFebhuwari ngaziyela mathupha e-UKZN ngiphethe isitifiketi sokuzalwa.”
Uthe wathola ukuthi umkhakha wezobuhlengikazi usugcwele, waphoqeleka ukubhalisela iSocial Sciences.
“Ngesikhathi ngibhalisa babengibuzisisa iminyaka yami. Namanje bese ngize ngajwayela ukubizwa ngengane.”
UClementine kumanje wenza iHonours kuwona lo mkhakha. Yize ekujabulela ukuthi uyiqedile iDegree yakhe, uthe akumnandi njengoba engaligqokanga ijazi.
Nguyena owokuqala ukuthola iziqu kubo futhi bonke bebelubheke ngabomvu usuku lolugqoka ijazi.
Uveze ukuthi kube nzima ukuchazela abadala ekhaya ngoba bakholwa ngokubona ijazi ukuthi usuqedile ukufunda.
“Ngibonile abanye begqoka amajazi emakhaya njengoba izwe lisavalelekile. Nami bengifisa kodwa isimo asingivumelanga ngenxa yokuthi ngisendaweni esekujuleni emakhaya.
"Sengizitshele ukuthi uma sekudlule konke lokhu ngizokwenza umcimbi omncane ngoba ngiyasifuna isithombe sejazi,” kusho yena.
Yize ayefuna ukuba umhlengikazi, uthe usengene khaxa kulo mkhakha yingakho esaqhubeka nokufunda. Uveze ukuthi wasizwa wuMasipala waseMzumbe ukubhalisa enyuvesi ngonyaka wokuqala engalutholanga uxhaso lakwaNSFAS.