UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, wethule izinhlelo athe zizokwenza ngcono isimo senhlekelele kagesi esimoshe izinto eziningi ezweni.
Ukusho lokhu izolo ebusuku, ngesikhathi enza inkulumo yakhe abeyibhekise ezweni ngodaba lwezinkinga zikagesi.
Phakathi kwezinto athe zizokwenziwa, uRamaphosa uthe kuzofanele kutholwe abantu abanamakhono adingekayo ukuthi bazosebenza enkampanini ephehla ugesi, i-Eskom.
Phakathi kwabo uthe kukhona nabanye abayishiya le nkampani kudala bayojoyina izinkampani ezizimele.
“Labo ngabantu abanamakhono adingekayo esibone ukuthi kuzofanele babuyiswe. Abanye babo benze iziphakamiso ngokwabo, bathi bayafuna ukubuya ukuze bazolekelela kule nhlekelele esibhekene nayo,” kusho uRamaphosa.
Uthe kuzofanele kuphinde kubhekwe udaba lokuthi kwethulwe izinhlelo zikagesi ophehlwa ngelanga.
“ENingizimu Afrika sinelanga elanele esingalisebenzisa ukulekelela odabeni lukagesi,” kusho uRamaphosa.
Uphinde wathi kunamazwe angomakhelwane anogesi ongaphezu kwawudingayo, nawo azocelwa ukuthi angenelele ngokuthi anikezele ngogesi. Uthe kuzovuleleka amathuba ezinkampanini ezizimele ukuba nazo zikwazi ukukhiqiza ugesi bese ziwudayisa.
Uthe yizo lezi zindlela nezinye ezizolekelela ekutheni izwe lizithole liphuma kancane kancane ohlelweni lokucinywa kuka gesi ngenhlooso yokuwonga, kuze kuba lolu hlelo luyaqedwa nya.
Ukhale ngesikweletu esikhulu sikagesi esilinganiselwa kuR400 billion athe kusazofanele kubonakale ukuthi sisingathwa kanjani.
Uthe kuyadinga kukhunjulwe ukuthi ingqalasizinda kagesi isindala nokwenza ukuthi ingabe isaba nawo amandla okuphehla ugesi ngendlela efanele.
Uphinde wakhala nangalabo abazixhumela ugesi ngokungemthetho, wathi nabo banomthelela enkingeni kagesi leli lizwe elibhekene nayo, wathinta nendaba yokuntshontshwa kwempahla athe yenzeka kwiziphehli zikagesi.