Ushaya amaphiko kuyona yonke iminyango kahulumeni uMengameli Cyril Ramaphosa, njengoba engamele yonke iminyango kuze kube uqoka iKhabhinethi entsha.
Ihlandla leKhabhinethi ekhona liphela namhlanje uma esefungiswe ngokusemthethweni uRamaphosa yinhloko yamaJaji uRaymond Zondo.
URamaphosa ufungiswa eziNdlini zoMbuso ePitoli emcimbini ohanjelwe abaholi abahlukene bamazwe ase-Afrika, nezimenywa.
Ihhovisi likamengameli likhumbuze abantu ukuthi namhlanje wusuku olujwayelekile njengoba kungelona iholidi.
“Wusuku olubalulekile emlandweni ngoba kufungiswa umengameli ozophatha uhulumeni wehlandla lesikhombisa kodwa akulona iholidi. Emuva kokufungiswa uMengameli uzothula inkulumo,” kusho ihhovisi lakhe.
UNksz Nomonde Mnukwa ibamba likaMqondisi jikelele kwaGCIS, uveze ukuthi uRamaphosa ufungiswa ngesikhathi izwe ligubha iminyaka engu-30 lakhululeka.
“Ufungiswa ngesikhathi izwe limatasa nezinhlelo zokugubha iminyaka engu-30 lakhululeka. Ngenxa yesimo somnotho simeme abaholi bamazwe ase-Afrika nezinye izimenywa ezimbalwa,” kusho uNksz Mnukwa.
Uveze ukuthi maningi amaciko azonandisa kulo mcimbi wathi kuzoba nomdlalo ozodlalwa bukhoma.
Izangoma zezulu zibalule ukuthi lizobe lifudumele namhlanje uma sekugcotshwa uRamaphosa.
Siye koshicilela kusafike omengameli abahlukene okubalwa owaseZimbabwe uMnuz Emmerson Mnangagwa, owaseNamibia uMnuz Nangolo Mbumba, owaseBurundi uMnuz Gervais Ndirakobuca nePhini likaMengameli waseCuba uMnuz Salvador Mesa.
Ekhuluma namaphoyisa abethola izindondo izolo esikhungweni iTshwane Academy obenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uthe uRamaphosa uzokwengamela yonke into kuhulumeni uma esegcotshiwe.
“Uma esegcotshiwe iyaphela eyeKhabhinethi ekhona, izwe uzoliphatha yedwa aze aqoke iKhabhinethi yakhe entsha. NgisenguNgqongqoshe wamaPhoyisa okwamanje, kodwa ngizobizwa kuthiwe obenguNgqongqoshe uma esefungisiwe uRamaphosa.”
Ubonge ithuba alinikwe nguRamaphosa empini yokulwa nobugebengu kuleli.
“Ngiyabonga kubantu bakuleli, ikakhulu i-ANC. Labo abazothatha izintambo, kumele bazi ukuthi lude ukhalo okumele luhanjwe. Akusetshenzelwe umphakathi kuliwe nobugebengu,” kusho uCele.
Abanye abebengoNgqongqoshe okubalwa noweMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande, babambe imihlangano yokugcina nezikhulu zeminyango yabo izolo.