KONKE kumi ngomumo ngenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa azoyethula namhlanje ebusuku eKapa eyibhekise esizweni.
Izolo uRamaphosai uhlangane nabezindaba ephelezelwa wuSomlomo wePhalamende, uNksz Thandi Modise, wathi konke kuhamba ngohlelo futhi bakujahe kakhulu ukuba nomcimbi wekhethelo.
Ekhuluma nentatheli ye-eNCA ebeyimphosa imibuzo, umengameli uthe ukhululekile futhi usekubheke ngabomvu ukuthulela izwe inkulumo yakhe.
“Ngizikhululekele nje namhlanje (izolo), basangikhombisa ukuthi uhlelo luzohamba kanjani kusasa (namhlanje). Ngibheka nokuthi bangibhalele ukuthi ngithini. Sesikulungele ukuba ngiyethule inkulumo yami. Ziningi izinto eningazilindela okubalwa kuzo ezithinta uMbuso. Empeleni nje inkulumo yami izobe ibhekiswe kuwo wonke umuntu waseNingizimu Afrika,” kusho uRamaphosa ehleka.
UNksz Modise uthe ngokwakhe uyathemba konke kuzoqala ngesikhathi futhi kuphothulwe ngesikhathi esibekiwe.
Inkulumo kulindeleke iqale ngo-7 ebusuku.
“Zonke izihambeli zethu ziqinisekisile ukuthi zizobe zikhona. Silindele ukuthi wonke umuntu ozobe ekhona aziphathe ngendlela. Uma kungenjalo sobe sesilandela imithetho yokuletha uzinzo,” kusho uNksz Modise.
Encokola uthe uyasola uzobe egqoke ingubo eyi-velvet.
URamaphosa uphinde wahlangana nezingane, kwi-presidential youth dialogue, lapho zimtshele khona ezifisa ukukuzwa enkulumeni yakhe.
Ngaphandle kwePhalamende bekulungiswa kufakwa netende ukwenzela ukuthi uma kuba nemvula izicukuthwane zibe nompheme wokukhosela.
Kulindeleke nokuthi ingqephu idle lubi njengenjwayelo. Umcimbi uba ngomkhulukazi ezikhulwini zikahulumeni, osomabhizinisi, amaciko nabanye abasuke bemenyiwe.