UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe bayaphupha labo abazitshela ukuthi i-ANC izolahlekelwa isifundazwe iKwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka ozayo.
URamaphosa uthe i-ANC izokwazi ukubuyisa iKwaZulu-Natal uma sekuvotwa okhethweni oluzayo.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma namalungu enhlangano abeyingxenye yomhlangano obuhlelwe i-ANC, kwisifunda iNokuhamba Nyawo.
URamaphosa utshele abebehambele umhlangano wayizolo, obuseJozini, ukuthi abantu baKwaZulu-Natal basazoyivotela ngobuningi i-ANC.
“Kukhona abasidelelayo. Bathi ngoba nakhu salahlekelwa omasipala abaningi lapha KwaZulu-Natal okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021, bathi sizolahlekelwa isifundazwe ngonyaka ozayo. Labo nibatshele ukuthi bayaphupha. Abantu uma bephupha abaziboni. Ukuba bavula amehlo nezindlebe zabo bebezobona ukuthi i-ANC izolunqoba ukhetho.”
URamaphosa uqale uhambo lwakhe lwasesifundeni iNokuhamba Nyawo ngokuhlangano namakhosi, wabe eseya kovula ngokusemthethweni uhlelo lokuphakelwa kwamanzi. Isifunda uMkhanyakude sibhekene nenkinga yamanzi.
URamaphosa uthe ujabule ukuthi iyalungiswa indaba yokushoda kwamanzi kulesi sifunda, wathi amanzi azotholakala kuzo zonke izindawo.
Uphinde wancoma amaphoyisa ngokulwa nobugebengu bokuntshontshwa kwezimoto esifundeni.
Umhlangano wayizolo ubuyingxenye yohambo lukaRamaphosa lwezinsuku ezintathu lwasesifundazweni iKwaZulu-Natal.
Uhambo lwakhe uRamaphosa uluqale kwisifunda iTheku, ngoMgqibelo, lapho ebe ingxenye yohambo lokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Ngawo uMgqibelo, uRamaphosa uphinde wahlangana nezinhlaka ezahlukene.
Kulo mhlangano, uRamaphosa uveze ukuthi uyangenelela odabeni lokusocongwa kwamakhosi, njengoba ethe lolu daba ulubhunga noNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele.
URamaphosa uthe ukhathazekile ngokusocongwa kwamakhosi.
KwaZulu-Natal, angu-12 amakhosi asocongiwe kusukela ngo-2019.
“Sihlezi sizwa futhi sizibonela kubulawa amakhosi. Le nto ayenzeki nje lapha KwaZulu-Natal kuphela, kodwa iyenzeka nase-Eastern Cape, Limpopo, naseMpumalanga. Siyayixoxa noCele. Maduze nje kukhona esizoqhamuka nakho.”
URamaphosa ubephawula kanje, emva kokuthi uSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Sifiso Shinga, ecele uhulumeni ukuba angenelele odabeni lokusocongwa kwamakhosi.
UShinga uthe amakhosi asephila ngokusaba. Kulo mhlangano uRamaphosa uphinde wezwa isicelo sokuba uhulumeni aphenye izinyanga-mbumbulu.
UMakhosi Nonhlanhla “Mshanelo” Nkomo wenhlangano yabelaphi bendabuko, uthe bakhathazekile ngezinyanga-mbumbulu eziqola abantu ezinkundleni zokuxhumana.
“Sekunoqhibukhowe bezinyanga ezingaziwa emphakathini, azaziwa yizinduna, azaziwa nangamakhosi.”
NgoMgqibelo, uRamaphosa uphinde wahambele kwisifunda iHarry Gwala lapho ehole khona uhambo obelugqugquzela ukuthula, waphinda waba nomhlangano nomalungu e-ANC.