UMENGAMELI wezwe uCyril Ramaphosa, uyishiye kubazali ingcabha yokuvikela izingane ezibulawa ukudla okunobuthi.
URamaphosa uthe abazali kufanele benze isiqiniseko sokuthi izingane zabo zithenga ezindaweni eziphephile. Ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi ekhuluma embizweni yakhe ebiseMgababa.
URamaphosa uthe abazali kufanele bayisukumele eyokuphepha kwezingane.
“Njengabazali kufanele sizihluphe, siqinisekise ukuphepha kwabantwana bethu. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi izingane zithenga ukudla ezindaweni eziphephile. Kufanele sonke sibambisane kule mpi, siqinisekise ukuthi izingane zethu ziphephile,” kweluleka uRamaphosa.
Siyanda isibalo sezingane ezishona noma eziguliswa ukudla okunobuthi ezikuthenga ezitolo zendawo nasezikoleni.
Izigameko zande kakhulu eGauteng, lapho kunemibiko yokushona kwezingane, nalapha KwaZulu-Natal zikhona izigameko ezibikiwe.
URamaphosa uthe bakhathazekile ngokwenyuka kwesibalo sezingane ezishonayo nezigulayo.
“Kuyinto embi kabi ukushona komuntu osemncane, obenamaphupho abesafisa ukuwaveza. Sizwelana nabo bonke abazali kanye nemindeni elahlekelwe abathandiweyo bayo.”
URamaphosa uyalele ukuba kube nomzuzu wokuhlonipha bonke abashonile. Ukhombe ngenjumbane abanikazi bezitolo wathi babudedengu.
“Bagcina amakhemikhali ayingozi ezitolo zabo. Kukhona asebeboshiwe amaphoyisa.”
URamaphosa uthe useyalele iminyango eyehlukene ukuba iqhamuke neqhinga lokuqeda le nkinga. Iminyango ayibalile owamaPhoyisa, owezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, owezeMpilo nowezoLimo.
URamaphosa uthe uzokwenza isimemezelo maduze ngezinyathelo ezizothathwa nguhulumeni.
“Ngiyalele bonke ongqongqoshe abathintekayo ukuba babheke ukuthi yini okufanele yenziwe ukulwa nalesi simo. Sizokuba nomhlangano wabo bonke ongqongqoshe abathintekayo ngesonto elizayo. Emva komhlangano ngizokwazi ukwenza isimemezelo.”
Uphinde waveza ukuthi kunemithetho elawula ukusebenza kwezitolo zendawo ezoqala ukusebenza maduze.