UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubhalele umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen, incwadi eshubile mayelana nezikhundla zongqongqoshe ezifunwa yi-DA.
URamaphosa encwadini esabalele ezinkundleni zokuxhumana, utshele uSteenhuisen ukuthi udumele ngendlela leli qembu elenza ngayo izinto njengoba kuqhubeka izingxoxo zokwakha uhulumeni wobumbano.
Ukusho lokhu kulandela izincwadi ezilokhu ziputshuke njalo ze-DA iveza izikhundla ezifunayo kuhulumeni.
Encwadini kaRamaposa yangoLwesibili, utshele uSteenhuisen ukuthi uyaqhubeka nezingxoxo zokubumba lo hulumeni namanye amaqembu asayine isivumelwano sokusebenzisana.
Uthe udaba lokubumba uhulumeni luseqhulwini njengoba efuna ukuluphothula kuleli sonto.
“Ngizimisele ukuphothula izingxoxo nokubonisana ngeyokwakha lo hulumeni kuleli sonto. Ngisavulelekile ukuthi ngibe nengxoxo nawe,” kusho uRamaphosa kuSteenhuisen.
Ngale mpelasonto i-ANC izohlangana nezinhlaka zayo okubalwa namadlelandawonye ukuzozazisa ngebanga eselihanjiwe kulezi zingxoxo.
Ngemuva kwale mihlangano kulindeleke ukuthi amemezele iKhabhinethi entsha njengoba abantu bakuleli belinde ngabomvu lesi simemezelo.
Iyaqonga ingcindezi yokuthi uRamaphosa amemezele le Khabhinethi njengoba bengekho ongqongqoshe namaphini abo, kuwuyena ophethe izintambo.
Encwadini kaSteenhuisen kuRamaphosa ngoMsombuluko, iveza ukuthi uphakamise ukwabela leli qembu ongqongqoshe eminyangweni okubalwa oweMfundo eyisiSekelo, owezaseKhaya, owezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, owezokuXhumana, owezamaHlathi, ukuDoba nezeMvelo kanjalo nowezoHwebo nokuNcintisana.
Uveze nokuthi uzokwabela leli qembu izikhundla zamaphini ongqongqoshe eMnyangweni weziMali, owezaMandla noGesi nowamaBhizinisi amancane.
USteenhuisen uphakamise ukuthi kwengezwe izikhundla ezimbili zongqongqoshe kuphinde kwengezwe ezamaphini ongqongqoshe.
Lokhu kusho ukuthi i-DA ifuna izikhundla zongqongqoshe abayisishiyagalombili, besuka kwabayisithupha.