UPHITHENE amakhanda umndeni wowesifazane waseLovu, eThekwini, kulandela ukunyamalala kwakhe kwenye yezindawo zokudlela eMhlanga.
UNksz Ayabonga Mjilo (23) kuthiwa ugcine ukubonakala eCappello ngoDisemba 24.
Ngokusho kwesihlobo, uNksz Zinhle Mjilo, baqale ukuqaphela ngawo uDisemba 24 ntambama ukuthi kukhona okushaya amanzi ngo-Ayabonga, engafiki ekhaya futhi engatholakali nasocingweni.
“Bekunesihlobo ebesingcwatshwa, sonke sihlangene njengomndeni, u-Ayabonga wangafika. Simzamile ocingweni, kodwa saluthola lungangeni,” kusho Nksz Mjilo.
Uthe baqhubeke nomlindela ukuthi uzovela ngoKhisimusi, kodwa kwangenzeka nokuyilapho besukume khona.
Uthe ubhale ezinkundleni zokuxhumana, esho ukuthi badukelwe yisihlobo.
“Kukhona abaphawulile kulowo mbhalo, bethi ubonakale eMhlanga ehamba nabangani ababili besifazane,” kusho uNksz Mjilo.
Uthe okubaphatha kabi ukuthi labo bangani abangaziwa abasaveli ukuzochaza ukuthi kwenzekeni emva kokuba ndawonye.
Uthe bakhathazwa nayizinto ezehlukene ezishiwo abantu, abangasazi noma ziyiqiniso noma zingamanga.
Phakathi kwazo kukhona nokuthi wabonakala exabana nabesilisa bokufika baseNigeria kuyo leyo ndawo yokudlela.
Kuthiwa babebukela bezijabulele ndawonye, kodwa kwabuye kwasuka uthuthuva, u-Ayabonga wabonakala esukuma, ehamba, bamlandela nabo.
“Kodwa asazi ukuthi lokhu kuyiqiniso noma cha,” kugcizelela uNksz Mjilo.
Uthe abaningi babangani bakhe, sebexhumene nomndeni, besho ukuthi bona bamgcine nini. Uthe bonke bakhathazekile ngoba ukuvele anyamalale nje akufani naye.
Uthe bayile endaweni yokudlela ukuyocela ukubukiswa okuqoshwe amakhamera kodwa bangabona kahle njengoba izithombe zakhona bezingacacile.
Uthe bawabikele amaphoyisa ngokunyamalala kwakhe, kodwa bekungakabi bikho mnyakazo abawubonayo.
Echaza u-Ayabonga, uthe uwuhlobo lomuntu ongenaso isibindi sokuhamba izindawo zobumnandi yedwa.
“Kuze kube ngcono, akhombise ukukhululeka uma ehamba nabangani,” usho kanje.
Uqhube wathi okubathusa kakhulu ukuthi akalona uhlobo lomuntu ovele athule nje, uvame ukuxhumana nomndeni njalo, futhi uyabika ngeminyakazo yakhe.
“Nocingo akaze aluvale. Manje njengoba sekuphele izinsuku engayi nasemsebenzini, futhi nocingo lwakhe luvaliwe, engasho lutho, sinovalo lokuthi ingabe usesimweni esikahle yini lapho ekhona,” kusho uNksz Mjilo.
Phakathi kwezinto angabonakala ngazo emzimbeni, i-tattoo yembali esemhlane, enye engasohlangothini lwesokunxele ebhalwe u-2001, okuwunyaka azalwa ngawo, enye ebhalwe ukuthi 11/2019 okuyisikhathi okwashona ngaso unina.
Imenenja yaseCappello, uMnuz Shilesh Visran, ithe banalo ulwazi ngalolu daba, yathi namaphoyisa afikile endaweni yabo, bawanikeza okuqoshwe amakhamera.
“Asikwazi ukudalula okuningi ngoba lokho kungahle kuphazamise uphenyo kodwa siyasebenzisana kahle namaphoyisa kulolu daba,“ kusho uVisran.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseGreenwood Park avule idokodo lokulahleka komuntu emva kokubikelwa ngokuduka kowesifazane oneminyaka engu-23.
“Owesifazane obeqashe eQuarry Heights kuthiwa wagcina ukubonwa endaweni yokudlela eseMhlanga ngoDisemba 24. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,” kusho uNetshiunda.