SEBEQALILE ukubalekela emazweni angomakhelwane abantu baseMozambique njengoba kuqhubeka impi ezweni labo.
Imibiko yakamumva ikhombisa ukuthi izinkulungwane zabaseMozambique zifulathele leli zwe eliwumakhelwane weNingizimu Afrika zaya kobhaca kwamanye amazwe emva kokuqubuka kabusha kwemibhikisho.
Imibhikisho yaseMozambique iqale phansi emva kokuthi inkantolo yakhona iqinisekise imiphumela yokhetho lwango-Okthoba.
Ukhetho lwanqotshwa inhlangano elokhu yaphatha izintambo zoMbuso kusukela iMozambique yathola inkululeko, i-Frelimo.
Kusukela kwaba nokhetho, bekulokhu kunemibhikisho eMozambique ephazamise ukungena nokuphuma kwezimoto emingceleni yezwe.
Ngeledlule i-Counstitutional Council iqinisekise imiphumela, kwabe sekuqala imibhikisho.
Izikhulu zaseMozambique ziveze ukuthi inqwaba yabantu ababalekele emazweni angomakhelwane emva kokumenyezelwa kwemiphumela.
Kuvela ukuthi iningi labantu libalekele eMalawi.
Kulindeleke ukuthi babe baningi ababalekela eNingizimu Afrika njengoba nayo yakhelene neMozambique.
UMengameli Cyril Ramaphosa, usanda kuthumela owayengungqongqoshe wezokuPhepha, uMnuz Sydney Mufamadi, ukuba ayohlangana nobengumengameli waseMozambique, uFilipe Nyusi.
Kusanda kuvela nokuthi kwenqe inqwaba yeziboshwa ejele laseMozambique.