BANCOMA ubuqhawe bephoyisa elingene emfuleni iMfolozi, oLundi, udla izindwani liyokhipha isidumbu somshana ominze kade ephelezele umalume obeyochatha khona.
Kuvela ukuthi igama laleli phoyisa nguConstable Mdumiseni Magwaza (29), osanda kufika emaphoyiseni oLundi, njengoba eneminyaka emibili nje kuphela ewujoyinile umbutho.
Umthombo ocele ukungavezwa, udalule ukuthi umalume uMnuz Mbengwana Mbatha, ubehola abashana bakhe ababili ukuthi kuyiwe kulo mfula kuyochathwa. Ngeshwa kuthiwa u-Esihle Mbatha (8) ugcine engena emfuleni wamuka esehlakalweni esenzeke emasontweni amabili adlule.
Ngemuva kwesigameko okuthiwa sishiye umphakathi udidekile, kube sekwenziwa imizamo yokuthi kubizwe ngokuphuthuma abaqeqeshelwe ukuthungatha nokutakula izidumbu emifuleni.
"Nebala bafikile laba abaqeqeshelwe ukuthi benze lo msebenzi kodwa ngikutshela ukuthi babe manqika ukungena sebefikile. Bakhale ngokuthi umfula iMfolozi ubonakala ungenisa mawala, ngakho-ke ngeke bakwazi ukuthi baqhubeke bangene kuwona,'' kuchaza umthombo.
Uqhuba, umthombo uthe iphoyisa libezwe besho kanjalo, labonakala likhumula amabhuzi lathi liyangena lona aliwesabi amanzi ngoba vele likhulele emakhaya lishaya idadamu, lingumpetha wokubhukuda.
Umthombo uthe kwale noma lincengwa leli phoyisa ukuthi kalime lingangeni emfuleni, kodwa langena ngenkani.
Kuthiwa likwazile ukubuya nesidumbu sika-Esihle, kanti akekho omunye omukile, kanti uyise kamufi uMnuz Mduduzi Ntombela, uthe kumphathe kabi ukufa kwengane yakhe ngale ndlela.
Uthe ingane yakhe iphume iphelezela umalume obeyochatha emfuleni.
''Angazi nami ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi ingane yami igcine seyimuka nomfula. Ngimbuzile uMbatha, ngize ngahamba naye emfuleni ngifune angikhombise lapho abebechatha khona kodwa angiyiboni futhi angiyizwa yonke into ayishoyo,'' usho kanje.
Ethintwa uMagwaza, uthe okudale ukuthi angene kalula emanzini yize umfula ubungenisa, ukuthi wesabe ihlazo lokuthi isidumbu somntwana singaze sinyamalale phambi kwabo.
Uthe ukhulele kwesaKwaMagwaza, eNkandla, njalo uma eya esikoleni iManqondo Primary, bekudingeka ukuthi awele umfula iNsuze.
Uthe noma esefunda eMagqama High, nakhona futhi bekudingeka ukuthi awele umfula ofanayo.
"Amanzi yinto engingayesabi, angiphathi awomfula ngoba bengihlezi ngiwela emfuleni iNsuze. Ukushaya idadamu yinto engayifunda ngimncane namanje ngisayazi,'' usho kanje.
Uthe uyambonga uNkulunkulu ukuthi ukwazile ukungena wabuya naso isidumbu. Uthe usebenzise isipiliyoni sakhe sokubhukuda asithola esalusa emakhaya.
Isolezwe linayo i-video ekhombisa leli phoyisa lisemanzini seliphuma naso isidumbu somfana.