IKHOFI lingesinye seziphuzo ezithandwa ngabantu abaningi emhlabeni.
Abanye abantu abakwazi ukuqala usuku ngaphandle kokuphuza inkomishi yekhofi, abanye uma bezizwa benengcindezi baphuza lona kanti abanye balithandela ubumnandi. Abanye baliphuza lishisa, abanye baliphuza libanda.
Yize kuba nabalithanda ngokweqile, kukhona abalisabayo ngenxa yokuthi linezithako ezenza ukuthi ungabe usakwazi ukungaliphuzi.
Iwebsite iHeathline ithi ucwaningo lwesayensi luveza ukuthi bukhona ubuhle obutholwa umuntu ngokuphuza ikhofi, njengokukunikeza umfutho, ukusiza ekutheni kwehle isisindo, ukwehlisa usifo sikashukela esidalwa indlela odla ngayo, itype2.
"Into okumele uyigade uma ungumthandi wekhofi yisibalo sezinkomishi oziphuzayo ngosuku," kuxwayisa le website.
Nazi izinto ezinhle ezenziwa ikhofi egazini:
Ukukunikeza umdlandla owengeziwe
Ikhofi line-caffeine evuselela izinzwa ukuze zilwe nokukhathala.
"Ucwaningo olungelukhulu, oluke lwenziwa luhlaziya ubuhle bokuphuzwa kwekhofi, luveza ukuthi ukuphuza icaffeine kwenyusa amandla kangangokuthi uma ungumuntu owaziyo ukuthi ukhathala ngemuva kwesikhathi esithile uma ezivocavoca, uma uphuze isiphuzo esine-caffeine isikhathi osithathayo ngaphambi kokuthi ukhathale siba ngaphezulu ngo-12%,“ kusho le website
Ukwehlisa amathuba okungenwa isifo sikashukela
Ukubuyekezwa okuke kwenziwa kucutshungulwa ubuhle bokuphuza ikhofi emzimbeni kuveza ukuthi ukuphuza inkomishi eyodwa yekhofi ngosuku kwehlisa amathuba okungenwa yisifo sikashukela esidalwa indlela ophila ngayo.
Lokhu kucatshangwa ukuthi kudalwa ukuthi ikhofi lilondoloza ukusebenza kwama-beta cell emanyikweni okuyiwo akhiqiza i-insulin elawula izinga likashukela egazini.
Lisiza ekutheni ubuchopho busebenze kahle
Ucwaningo olwenziwe yiJohns Hopkins University of Medicine, obelubheka ubuqiniso ngkushiwo ngekhofi, lukhombisa ukuthi ikhofi lingasiza ekuvikeleni izinkinga ezithile zokuthinteka kwengqondo ezingahlanganisa i-Alzheimer neParkinson.
Lingase lisize ekulawuleni isisindo somzimba
IHealthline ithe olunye icwaningo luveza ukuthi ikhofi lingashintsha indlela umzimba ogcina ngayo amafutha futhi liyasiza nasekutheni amathumbu aphile kahle kanti amathumbu yiwona alawula ukwakheka kwamafutha emzimbeni.
Olunye ucwaningo luveza ukuthi ikhofi lehlisa amafutha emzimbeni kwabesilisa nabesifazane.
Lehlisa ingcindezi
Ucwaningo obelucubungula ukusebenza kwekhofi luveza ukuthi ikhofi lehlisa ingcindezi. Ukuphuza izinkomishi zekhofi ezine ngosuku kwehlisa ingcindezi uma unayo.
Ubungozi balo
Yize linconywa ikhofi, iJohns Hopkins University of Medicine ithe ukuliphuza ngokweqile kungadala ukuthi inhliziyo ishaye kancane, kwenyuse umfutho wegazi futhi kube nzima ukuthi oliphuza kakhulu alale.
Ucwaningo olwenziwe yilesi sikhungo luveza ukuthi ukushintsha izithako ozifaka ekhofini lakho kungenza umehluko njengokuthi esikhundleni sokufaka ushukela nobisi, ufake ivanilla extract, icinnamon noma ucocoa powder.