UKHATHAZEKILE umndeni wowesilisa waseZidulwini, eNquthu, okuthiwa unqume umfowabo ikhanda maqede waliphonsa egcekeni wase egcwala amathafa.
Lo mndeni ukhathazwa ukungatholakali kukamenzi wokubi, njengoba uthi lokhu kuwuphatha kabi kakhulu.
Kuvela ukuthi umufi, uMnuz Siyabonga Ndlovu (38), unqunywe ngumfowabo ikhanda ngemuva kwengxabano ababe nayo, umufi ekhuza umsolwa ngokucwila kakhulu kwizidakamizwa.
Igama likamsolwa ongumfowabo kamufi, ngeke lidalulwe okwamanje engakaveli enkantolo.
UMnuz Jabulani Ndlovu oyilungu lomndeni, uthe bakhathazekile kakhulu ukuthi kungani engakatholakali namanje umenzi wokubi.
"Sesiqala ukukhathazeka kakhulu ke manje kunakuqala njengomndeni. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi yini le edala ukuthi kuze kube yimanje angatholakali umenzi wokubi,'' usho kanje.
Ngaphambilini, uNdlovu uveze ukuthi umsolwa ubesedla kakhulu izidakamizwa sezimhlanyisa ekhanda kangangoba ngosuku abulale ngalo umfowabo wayehamba nqunu.
Uthe basola ukuthi umufi umkhuzile umsolwa ngokudla kakhulu izidakamizwa kwase kuthi ebusuku umsolwa wambulala esezumekile, waveza nokuthi ekhanda likamufi kunenkebenkebe yengozi eze ifinyelele nasendlebeni.
UNdlovu uthe basola ukuthi umsolwa umlinde wazumeka umfowabo wase emgenca, ngemuva kwalokho wase emsaha ikhanda walilahla egcekeni.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abengakaphenduli ngalesi sehlakalo esenzeka kuzosa kube ngeledlule.