UHLABELA phambili uhulumeni owakhiwe amaqembu ehlukene kuleli kanjalo ne-ANC, mayelana nokusebenza komthetho wezikole okunemvunge ngawo, i-Basic Education Laws Amendment (Bela), noma kukhona abashaya amakhala ngawo.
Lokhu kushiwo nguMengameli wezwe ne-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, ekhuluma emgubhweni we-ANC oba minyaka yonke wokukhipha umkhombandlela ngezinto okuzogxilwa kuzona kulowo nyaka, iJanuwary 8.
Le nkulumo ayethule eKapa, ngempelasonto, uRamaphosa uthe uyazi kusekhona abashaya amakhala ngendaba yalo mthetho, wathi kudingeka kubanjiswane ngoba inhloso kahulumeni ngalo mthetho, ukuphucula imfundo ezweni.
“Siyaqhubeka ne-Bela noma kukhona abangahambisani nalokhu. Kanjalo neyomshwalense wezempilo i-National Health Insurance (NHI), siyaqhubeka nayo siwuhulumeni,” usho kanje.
Kuzokhumbuleka ukuthi yasusa umsindo eye-Bela kwaze kwadingeka ukuthi uRamaphosa amise ukuqala ukusebenza kwezigatshana ezimbili, ngoba kusaxoxiswana ngazo.
NgoDisemba, uyalele ukuthi uqhubeke usebenze lo mthetho, noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, wakuqinisekisa ukuthi uzosebenza.
Bekuhlukene imibono njengoba kukhona abebethi inhloso yalo mthetho wukuphuca amandla izigungu ezilawula izikole odabeni oluthinta ulimi lokufunda nokufundisa kuleso sikole kanjalo nokunquma uma isikole sesigcwele.
I-EFF ihlabe ikhwelo lokuthi uqale usebenze lo mthetho njengoba kuvulwa izikole.
Leli qembu lithe inhloso ngukuthi kumele kuqedwe ngemigoqo evimba abanye abafundi ukuthi baye ezikoleni ezithile.
“Le migoqo ivimba olunye uhlanga ukuthi luye ezikoleni ezithile. Luhlukanisa phakathi abafundi, abanye bazibone bengcono kunabanye,” kusho okhulumela leli qembu uNksz Leigh-Ann Mathys.
Uthe akumele kube nomfundi ozoxoshwa ngoba ekweleta imali yesikole.
UNksz Gwarube wathi imigomo yalo mthetho izothunyelwa ezikoleni kule nyanga, wabalula ukuthi le migomo izosiza izikole kanjalo neminyango yezifundazwe ngokuthi ezinye zezigatshana zalo mthetho zisebenza kanjani.