Abaholi be-ANC KwaZulu-Natal, okunguMnuz Sihle Zikalala onguSihlalo noMnuz Mdumiseni Ntuli onguNobhala, babize isithangami sabezindaba ngoLwesihlanu emahhovisi enhlangano eThekwini.
Indaba egudwini bekuwudaba lukaNkk Gumede osanda kufungiswa njengeLungu lesiShayamthetho sesifundazwe.
Abaholi bakaKhongolose bamangaze iningi bememezela ukuthi uNkk Gumede uhlabe ikhefu lesikhashana, kusacutshungulwa udaba lwakhe. Uzovela phambi kweKhomishini yokuqondisa izigwegwe.
Kumenyezelwe nokuthi iPhini likaSihlalo uMnuz Mike Mabuyakhulu, lizoshenxa esikhundleni ngoba libhekene namacala enkohlakalo, lihamba inkantolo. Ubuholi be-ANC esifundazweni bukubeke kwacaca ukuthi amalungu abhekene namacala awavumelekile ukungenela umbango wezikhundla.
Omunye umholi osohlangothini lukaNkk Gumede ongafunanga ukudalulwa uthe kubadumazile lokhu ngoba kwenzeka ngenyanga yabesimame.
UNobhala uNtuli uthe ngeke kube wumqondo omuhle ukuthi amalungu abhekene namacala angenele umbango wezikhundla ngoba kufanele kuvikelwe isithunzi senhlangano.
“Uma kungathiwa kunengqungquthela kusasa, ngenza isibonele, ngeke kube kuhle ukuthi bangenele umbango wezikhundla abantu ababhekene namacala,’’ kusho uNtuli.
Kumenyezelwa lokhu nje, uNkk Gumede uthwelwe ngeqoma kwesokubuyela esikhundleni sikasihlalo wesifunda iTheku. Nakuba kungakaziwa ukuthi izingqungquthela zizobanjwa nini kwi-ANC kodwa baqalile ukukhankasa ngesinyenyela abafuna izikhundla.
UMnuz Musa Nciki ophakanyiselwe esikhundleni sikanobhala ohlangothini oluhamba noNkk Gumede uthe ngeke akhulume ngodaba olusezandleni zesigungu esiphezulu se-ANC.
“Sesiholwa yisigungu esiphezulu se-ANC esithatha izinqumo, sizoludingida lolu daba emhlanganweni ongale mpelasonto. Ngeke kube kuhle ukuthi siluxoxe kwabezindaba ekubeni izinhlaka zenhlangano zilusebenza,’’ kusho uNciki oshaye ngamafuphi.
Abaholi be-ANC KwaZulu-Natal bakuqinisekisile ukuthi bazochaza udaba lukaNkk Gumede nokujutshwa kwakhe esiShayamthetho sesifundazwe..