SEKUPHELE isonto kuphazamiseke ukufunda nokufundisa ezikoleni ezimbili zaseNdlondlweni eMandeni, kulandela umbhikisho womphakathi.
Kuthiwa kusuka ngoLwesihlanu olwedlule, izikole iGcwalamoya Primary neTshana Secondary zavalwa wumphakathi odinwe wukuthi ukhishelwe izintambo zikagesi.
Ngokusho komthombo, lokhu kuqale ngesikhathi kucisha ugesi endaweni, emva kokuqhuma kwe-transformer.
“Uthe uma ufika u-Eskom wathola ukuthi umphakathi uxhume izinyokanyoka. Uvele wangena umuzi nomuzi waxebula zonke izinyokanyoka, kwasala kumnyama,” kusho umthombo.
Uthe lesi senzo siwucasulile umphakathi wakhetha ukuthi ubhikishe endaweni.
Uqhube wathi umphakathi uthe usuka wabe uthatha imbhikisho wawo wawuyisa ezikoleni.
“Bavale amasango azo zombili lezi zikole ezakhelene, kwacaca ukuthi ngeke kuqhubeke ukufunda nokufundisa. Kumanje izingane nothisha bahleli emakhaya, akucaci ukuthi kuzobuyelwa nini,” kusho umthombo.
Kuthintwa uSihlalo wesiSungu elisawula isiKole iTshana High, igama lakhe elingatholakalanga, ukuqinisekisile ukuthi sekuphele isonto kungafundwa.
“Bekukhona isimo somphakathi obufuna izimfuno zawo kwagcina sekuphazamiseke izikole. Bavele bavala amasango azo zombili izikole, ngaleyo ndlela kwaphazamiseka ukufunda,” kusho usihlalo.
Uthe izikole ziphenduke izisulu zokungabi bikho kukagesi endaweni.
Uthe noma engenaso isiqiniseko kodwa banethemba lokuthi kungase kuqalwe ukufunda ngoMsombuluko.
Kuthintwa ikhansela, uMnuz Simphiwe “Tshebe” Mdunge uthe udaba bayalwazi kodwa wezwakalisa ukungenami ngendlela i-Eskom esingatha ngalo udaba.
Uthe indaba iqale ukonakala maphakathi noJuni, kuqhuma itranformer ephakela izikole ezithintekayo nomphakathi onemizi elinganiselwa ku-300.
Uthe bazamile ukuyilungisa abe-Eskom i-transformer kodwa yaphinde yaqhuma ngasekupheleni kukaJuni.
“Kusuka lapho ke kumnyama, akukalungiswa,” kusho uMdunge.
Uthe ngeke ame gelekeqe ngelithi abantu bazixhumela izinyokanyoka, wathi inkinga iqale ngokwanda kwemizi endaweni, okuthi uma umuntu efika, acele abazomfakela ugesi, bathi uma sebemfakele kucace ukuthi i-transformer isiyasindwa ayisenawo amandla okuthwala isibalo esengeziwe semizi edonsa kuyo.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal awutholakalanga ukuze uphawule ngalolu daba, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.