AMALUNGU eMK athi uzikhiphile kuwo umdidiyeli wamabutho akwaMandlakazi, uMnuz Nkosikhona ‘Phakel ‘umthakathi’ Ndabandaba, amsola ngokugxibha umholi wawo, uJacob Zuma.
Amalungu eMK axwayise uNdabandaba ngokuthi udumo lwakhe luzoshabalala ngokushesha uma ezifaka kwipolitiki, ameluleka ngokuthi agxile ekushayeni induku.
UNdabandaba uzithintele ulaka lwabeMK emva kokufaka inkulumo ethathwe ngokuthi ugxeka uZuma kuyo.
Kule nkulumo ayifake ezinkundleni zokuxhumana, uNdabandaba ukhale ngobaba angazange ambize ngegama, athe wayedlala ngeSilo esesabuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Inkulumo kaNdabandaba ibihambisana nesithombe esinomsunguli weMK, uMnuz Jabulani Khumalo, noZuma, uZuma ukekeleziwe kelesi thombe.
UNdabandaba ubhale ukuthi lo baba amshoyo akakaze abenzele lutho abantu baKwaZulu-Natal, wathi akakaze abuthande ubukhosi bukaZulu.
“Uxhaphaze uMdlokombane kwaze kwaba sekugcineni,bnamanje ufukuzela nalamakhosazana angaphethe muntu sibe sazi kahle ukuthi ulikhomanisi, wabulala abantu bakwaZulu ezama ukuzikhombisa eMaXhoseni ukuthi unamandla. Ngenxa yakhe kunemindeni eyafelwa abantu abantu (395) ngezibhelu evulele amasela ukuthi ayotapa amabhenke, nina nathatha ama stay soft anizange nibone ukuthi kwakuqondwa amabhenke ukuze ezokwazi ukuvula iqembu.”
Le nkulumo idine amalungu eMK atshele uNdabandaba ukuthi aphume ezintweni ezithinta ipolitiki.
Abaningi bakhombise ukubungabaza ubunsizwa bukaNdabandaba, bamtshela ukuthi uyinsizwa ngakubo.
UNdabandaba uqale ukudonsa amehlo ngesikhathi exabana nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ngesikhathi kunenkonzo yokutshala undunankulu kaZulu ongumsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UNdabandaba wazwakala etshela uMchunu ukuthi akamnqeni, wathi engamshaya ebelethe umuntu emhlane.
Ethintwa yiSolezwe, uNdabandaba uthe akazange alibize igama likaZuma enkulumweni yakhe.
UNdabandaba uthe inkulumo yakhe ibiqonde ukukhuthaza abantu ukuthi bangawashiyi amaqembu abo.
“Abantu abafunde ukwethembeka emaqenjini abo. Akungabe kusafike iqembu elisha, wena usuyagxuma. Uma kukhona into umuntu afuna ukuyilungisa akayilungise khona engaphakathi eqenjini lakhe, kube ithina esibonayo ukuthi badlala ngaye eqenjini lakhe.”
UNdabandaba uthe akanendaba nabantu abamthukayo ezinkundleni zokuxhumana, wathi iningi labo bazifihlile.
“Labantu abasongayo ngingathi nje mina ngiyobona ngabo.”
Okhulumela iMK KwaZulu-Natal, uMnuz Ndaba Gcwabaza, uthe kubadumazile ukuthi umuntu onesikhundla esiphezulu kangaka akhulume budedengu ngale ndlela.
“Ukhombisa ukuthi ukhokhelwe abantu abamhlophe ukuba akhulume kabi ngeMK noZuma. Lento ayishilo ayehli kahle kuthina.”
UGcwabaza uthe inkulumo kaNdabandaba ikhombisa ukungabahloniphi abantu abadinwa ukugwetshwa kukaZuma ngaphandle kokuthi ayeziphendulela enkantolo.