IMEYA kaMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas, ihoxe embangweni wezikhundla kwi-DA.
UPappas umemezele ukuthi ngeke awungenele umjaho wezikhundla engqungqutheleni elandelayo yokukhetha ubuholi be-DA KwaZulu-Natal nakweyokukhetha ubuholi bukazwelonke.
I-DA izokuba nezingqungquthela zokukhetha ubuholi kuzwelonke nasezifundazweni ngonyaka ozayo.
UPappas ungomunye wabaholi abanogazi kwi-DA, kukhona abebefuna ukuthi angenele umbango wezikhundla esifundazweni abanye bebefuna ukuthi angenele umbango wezikhundla kuzwelonke.
Embhalweni awufake enkundleni yezokuxhumana, i-Facebook, uPappas uveze ukuthi kukhona abafuna ukuthi angenele umbango wezikhundla ezingqungqutheleni ezizayo, wabe esethi akazijahile izikhundla.
“Izingqungquthela zokukhetha ubuholi be-DA KwaZulu-Natal nasesifundazweni zisekude. Ngithi angikucacise nje lokhu kusenesikhathi ukuthi ngeke ngiwungenele umjaho wezikhundla esifundazweni nakuzwelonke.”
UPappas ubekade eyiphini lomholi we-DA KwaZulu-Natal ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe eyayingo-2023.
Akazange awungenele umbango wezikhundla kule ngqungquthela njengoba ayesanda kuqokelwa kwesobumeya, wathi ufuna ukugxila esikhundleni esasisisha ngaleso sikhathi.
UPappas uthe namanje usazimisele ngokubeka phambili ukuthuthukisa abantu kunokujaha izikhundla.
“Angingenanga kwipolitiki ngoba nakhu ngithanda izikhundla. Into engiyithandayo mina ukuthuthukisa umphakathi, ukushintsha isimo sempilo, ukumela nokusebenzela abantu, ukushintsha imithetho eyizihibe kanye nokwenza umehluko emiphakathini.”
UPappas ubonge ukwethenjwa yilabo abebefuna ukuthi aphathe isikhundla eqenjini.
“Zingijabulisile izingxoxo kanye nokugqugquzeleka engikuthole ebantwini abaningi. Kodwa iqiniso ukuthi ngisagxile ekuletheni ushintsho ezimpilweni zabantu. Angikayicabangi eyokujaha izikhundla kwipolitiki.”
Abantu abaningi abaphawule embhalweni kaPappas bazwakalise ukuphoxeka ngesimemezelo sakhe.
Abaningi bathe bebenethemba lokuthi uzophatha isikhundla esibalulekile kwi-DA, bathi bakholelwa ukuthi angakwazi ukulikhulisa iqembu.
Kusukela uPappas aphatha uMasipala waseMngeni, lo mkhandlu uthola imibiko engenagcobho kumcwaningi-mabhuku.
I-DA KwaZulu-Natal yayigadla ngoPappas embangweni wesikhundla sikandunankulu wakulesi sifundazwe ngesikhathi kubhekwe okhethweni lwangonyaka owedlule.
Njengamanje i-DA iyingxenye kahulumeni wokubambisana ophethe isifundazwe, inabaphathiswa ababili kwikhabhinethi lesifundazwe, iphinde iphathe nesikhundla sephini likasomlomo wesiShayamthetho sesifundazwe.
Nokho uPappas wanquma ukuqhubeka nesikhundla sobuMeya kuMasipala waseMngeni emva kokuthi i-DA ihlulekile ukunqoba ukhetho esifundazweni.