UKHONJWE indlela, wanqunyelwa nogwayi katiki ukuthi asuke ngokushesha esihlalweni sobuholi bebandla lamaNazaretha eBuhleni aphinde abuyise nezinto zebandla abezisebenzisa njengomholi, uMnuz Mduduzi Shembe “uNyazilwezulu”.
NgoLwesihlanu abameli bomholi wamaNazaretha ovunwe yinkantolo inkosi Phinda Shembe “Ukukhanyakwelanga”, bakhiphe incwadi engujuqu eyalela uNyazilwezulu ukuthi lungabe lusathinta lutho lwebandla njengomholi kodwa konke lukunike umholi ofanele Ukukhanyakwelanga.
Encwadini Isolezwe ngeSonto elinekhophi yayo, abameli bazisa uNyazilwezulu ukuthi umholi Ukukhanyakwelanga uzimisele ngokubamba inkonzo ekomkhulu lebandla eBuhleni, ngakho kumele anikezele zonke izinto zebandla kuyena. Banxuse ukuthi abuyise yonke into yebandla abeyisebenzisa kusuka ngo-2011 emuva kokukhothama koThingolwenkosazana.
Incwadi kuthiwa ihanjiswe yisikhonzi senkantolo kuNyazilwezulu ethempilini eCilongweni, eMelmoth lapho belihlele ukuthi libe nomhlangano khona nebandla ngoLwesihlanu.
Okhulumela Ukukhanyakwelanga, uMnuz Nkululeko Mthethwa, ukuqinisekisile ukuthi uNyazilwezulu seluyalelwe ukuthi lwehle esihlalweni ngokushesha.
“ Akusamele aqhubeke nemihlangano njengomholi webandla. Uma eqhubeka ngenkani uzobe esephula umthetho,” kusho uMthethwa.
UMnuz Thokozani Mncwabe obekhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uthe ubengakezwa lutho ngencwadi eyalela uNyazilwezulu ukuthi lusuke esihlalweni.
“Noma ngabe ikhona incwadi kodwa akukho engizokusho ngayo. Ngikholwa wukuthi indaba yezincwadi zithinta abameli asihlangene ngalutho nazo thina njengebandla. Ngokwazi kwami yonke into ibisaqhubeka ngendlela ejwayelekile, sizozwa ngomholi uNyazilwezulu ngakho konke okuzokwenzeka,” kusho uMncwabe.
Izolo kuphinde kwasuka esinamathambo eBuhleni kuvinjwa onogada namaphoyisa abethunyelwe wumholi Ukukhanyakwelanga ukuhlola isimo khona.
Abantu bavale imigwaqo ngezingodo baxosha amaphoyisa nonogada ukuthi bangangeni eBuhleni.
UMthethwa uthe bebeqashe inkampani yonogada bafaka nesicelo emaphoyiseni ukuthi kuyohlolwa indawo ngaphambi kokuba kuye ibandla eBuhleni.
“Besikhiphe onogada namaphoyisa eSAPS naweCrime Intelligence ukuyohlola isimo. Bafike bavinjwa kodwa sithole ukuthi abantu benze lokho osomatekisi abangamalungu ebandla lamaNazaretha. Njengamanje sesifake isicelo sokuthi sandise amaphoyisa ukuqinisekisa ezokuphepha,” kusho uMthethwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe ukungqubuzana kwabaseBuhleni nabaseThembezinhle kuphoqe ukuthi bathumele amaphoyisa eBuhleni ukuyodambisa isimo.
Uthe: “Sithole ukuthi sekuvalwe imigwaqo kuvinjwa nezimoto ezidlula ngakhona. Sikhiphe amaphoyisa ukuthi ayobheka leso simo ukuze kungaphazamiseki nabantu abangahlangene nodaba lwabo. Sizwe kuthiwa bese kuvinjwa noma iyiphi imoto edlulayo ukuze kubhekwe ukuthi abekho yini abalolu hlangothi olungahambisani nabo.”