ABEPHUME ngobuningi bawo amaNazaretha ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni uMhlangano kaJulayi futhi kungeniswa uMdedele kuleli sonto.
Indawo yaseBuhleni beyimhlophe sengathi yembethe iqhwa, kumhlophe zonke izinkalo ngamaNazaretha.
Ekhuluma ngosuku lokungenisa uMhlangano, umholi wasohlangothini laseBuhleni, kwaShembe, Inkosi uMduduzi "uNyazilwezulu" Shembe, ukhale ngamasela ahlukumeza amaNazaretha eMhlanganweni kaJulayi. UNyazi belukhuluma ngesikhathi kungeniswa uMdedele ngoMsombuluko.
"Ngiyacela namasela ake asixolele kule gemu. Phela amasela azalwa yithi. Nawe-ke mNazaretha ungathathi-ke into ehluphayo kwakho uyilethe la. Izofika la bese iyakuveza ukuthi iyahlupha. Uyabanjwa lo muntu, esentshontshile kutholakale ukuthi yindodana yomfundisi. Indodana yomvangeli. Indodana yomshumayeli. Bese omunye eseshaywa ngoba phela uma ufica umuntu esesedokodweni lakho..."
UNyazi luthe alugqugquzeli ukuba bashaywe abagqekeze emadokodweni.
"Kodwa uma esephakathi edokodweni lakho, kade ukhiyile wena, sekufanele cishe asigwinye isibhakela esisodwa. Uyamfica uyahlunga, uthatha amabhulukwe akho, amanye uwabeke ngala..."
Unxuse ukuba abazobhadanywa benza ubugebengu bangabekwa izandla kodwa balethwe kuye.
"Ngoba ngiyazi niyashaya kodwa akufanele nishaye ngale ndlela enenza ngayo. Umuntu engabe esazi ukuthi abaleke ashone kuphi. Athi uya nga la, kuthiwe vala. Athi uyakha ngujubane, abe la amaNazaretha. Nangaphambili kube sengathi athi yima wena, uyaphi la kuthina.”
UNyazi luthe abangashaywa abantu ngoba uzothi uyamlokotha kanti ubesesalelwe imizuzu emibili ephila.
"Uthi uyamshaya bese ethula. Usuyabuya uza kimi uzofuna uVaselina wokuvusa umuntu, ebulawe nguwena. Ngakho ngiyanicela bantwana bakaNkulunkulu, kade sawulinda lo Mhlangano. Sewuze wafika."
UNyazi lubuye lwacela abanikazi bezitolo ukuba bazivale izitolo ngesikhathi kusontwa.
Lubuye lwadonsa ngendlebe abantu abaxabene ukuba bangezi nengxabano yangasemakubo bezodunga ngayo uMhlangano.
Lo mholi ubuye wadonsa ngendlebe amakhosazane ukuba angabonakali egcaluza kodwa uhlale eSipholi. "Akufunakali-ke inkosazane egcaluza umuzi wonke sengathi idiliva iposi. Kufanele abantu bahlale eSipholi. Kunesikhathi-ke okufanele inkosazane isazi ukuthi ngaseKamu ayisafuneki ngaso."
UNyazi luthe isikhathi okungasafuneki ngaso amakhosazane u-7 ntambama. Luthe intombi ayihambi nomfana uma sekungene isikhathi somhlangano, "ngisho noma owakini ngoba akanayo i-number plate ethi owakini."
Lubuye lwanxusa amakhosazane kuMdedele ukuba aziphathe kahle.
"Okufanele nikwazi makhosazane ukuthi nina ningabanikazi balo mhlangano. Kufanele niwuphathe kahle, ungoniwa yinina. Ngibabekile abashumayeli. Abashayi bayabhaxabula. Angazi-ke. Ngithe benganishayi kakhulu. Kodwa nifuna ukushaywa khona. Ophuma esiporweni kufanele asithole isijeziso. Noma ningashaywa yinhlalisuthi yabashumayeli, kuyofanele baniyise kubaphathi benu. Angazi-ke ngoba abaphathi bayayidedela impama. Ziyovuthwa izihlathi," kuphetha uNyazi.
Njengoba kuyinkonzo kaJulayi, kuningi okwenzeka kuyona. Kumanje amaNazaretha azile izinto eziningi njengoba kuwuJulayi. Awayi ocansini kanjalo nokunembiliso awakudli kuze kuphele uJulayi.
Kunemigido eyahlukene okungeyomama, eyezintombi neyenhlalisuthi. Nezintombi ziyisa nezintingo eNtanda eNanda lapho zisuke zilindwe khona wuNyazilwezulu. Uma sekuvalwa umhlangano ngasekupheleni kwenyanga kulapho kuzobe sekuyiwa khona ebhentshini lapho inhlalisuthi izobe ikhetha izintombi ngenhloso yokuganwa.
Kuzophinde kuphume nemishado esuke ibusiswa khona enkonzweni ngokohlelo lwamaNazaretha.