NAKUBA umholi webandla lamaNazaretha eBuhleni, uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe, evuma ukuthi uhulumeni okhona uyehluleka kodwa unxuse ukuba unikezwe ithuba.
Lokhu ukusho ngesikhathi ehambise umkhuleko eMgungundlovu, izolo.
Inhloso yomkhuleko bekuwukuthandazela izinkinga ezibhekene nalesi sifunda esiyinhlokodolobha yaKwaZulu-Natal.
Lesi sifunda sibhekene nenkinga yobugebengu kanti nomasipala oyinhlokodolobha, uMsunduzi, nawo awenzi kahle njengoba usuhlale isikhathi eside ungaphansi kweso lomlawuli.
Lukhuluma ngesikhathi kunomkhulueko, uNyazi luthe uhulumeni obusayo usasilele emumva kakhulu kodwa lwathi kufanele unikezwe ithuba.
UNyazi lukhale ngokuthi uhulumeni wobandlululo ubukade ungabanakile abantu abamnyama kodwa ubungakaze ubhikishelwe.
“Uhulumeni wethu usahluleka, kusekude phambili. Abelungu baphathe le lizwe iminyaka abantu abamnyama behlupheka. Manje abantu abamnyama basaphathe kancane kodwa seniyabajaha.”
UNyazi lunxuse ukuthi kube nokubekezelelana, kuhlonishwe nobuholi obuphethe.
“Sinxusa ukuba abantu babekezelelane, bahloniphane, futhi bazisane. Uma kungekho ukwazana nokuhloniphana ngeke ibe khona inqubekela phambili. Kufanele yonke imithetho eshawayo siyihloniphe.”
UNyazi lunxuse imiphakathi ukuba isebenzise imigudu efanele ukuzwakalisa izikhalo zayo.
Kodwa ke nathi akungathi uma sifuna amanzi bese sishisa imigwaqo. Asingathi uma sifuna amathoyilethi bese silahla udoti emgwaqweni ngoba kugcina sekuthathwa le mali okufanele engabe sakhelwa ngayo izindlu, isetshenziselwe ukususa udoti olahlwe ithina.
UNyazi lufikele ethempeleni elisenkabeni yedolobha, iZisizeni, lapho lwamukelwe iMeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzi Thebolla, iMeya kaMasipala wesifunda uMgungundlovu, uMnuz Mzi Zuma, nezinye izikhulu zale mikhandlu.
Lube seludlulela ehholo ledolobha lapho lube nomkhuleko.
Emva kwalokho kube sekuba nemashi esuke enkabeni yedolobha yaze yayophelela enkundleni iMsunduzi Athletics Stadium, lapho kufike kwaba nomgidi nenkonzo.
Bekumhlophe idolobha eMgungundlovu njengoba amaNazaretha abephume ngezinkani, equngele ilanga ebelikhipha umkhovu etsheni aya kozibonela uNyazi.
Kungokwesibili uNyazi luhambela eMgungundlovu kuleli sonto.
NgoMsombuluko beluhambele emzini wowayengungqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize, lapho lwaluhambise khona umkhuleko.