UBEKELWE umnqamulajuqu wezinsuku eziyisikhombisa ukuthi aphendule kokufunwa abasebenzi bakhe, uhulumeni. Abasebenzi bebegcwele imigwaqo emadolobheni amakhulu kuleli, izolo, befuna ukukhushulelwa amaholo ngo-10% befuna nokunye
Emashini kazwelonke ebiholwa ngokuhlanganyela imifelandawonye yezinyunyana, okukhona kuyo iSouth African Federation of Trade Unions, Congress of South African Trade Unions, Federation on Unions of South Africa nePublic Servants Association of South Africa, kubonakale izinkulungwane zabasebenzi bakahulumeni ezingxenyeni ezihlukene zezwe, ziphethe izingqwembe zigcwele imigwaqo zizwakalisa ilaka lazo ngo-3%, abasebenzi abawunikezwe uhulumeni.
Emashini ebiseThekwini, kuthe kushaya u-11, abasebenzi bese bekhuphuka ngomgwaqo u-Anton Lembede, njengoba ibiqale epaki iKing Dinuzulu yaphelela eCity Hall lapho kudluliswe khona incwadi yezikhalo kwabamele uhulumeni wesifundazwe.
Abasebenzi bashise impepho beshisela bethi bayishisela uRamaphosa ukuthi agcine ezizwile izimfuno zabo.
Imenenja yePSA esifundazweni, uMnuz Mlungisi Ndlovu ithe inhloso yemashi ebibanjwe ngokuhlanganyela yizinyunyana, ukuzokhala ngendlela uhulumeni asingethe ngayo udaba lokunyuswa kwamaholo.
“Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2020, uhulumeni kaMnuz Cyril Ramaphosa wenqaba ukunyusela abasebenzi imali ngokwesivumelwano sango-2018. Uphindile kulo nyaka wakhombisa indelelo nokubathatha kancane abasebenzi ngokufaka u-3% ngenkani,” usho kanje
Uthe okunye okuphakanyiswe uhulumeni ukuthi u-R1000 wesibonelelo sabasebenzi uyawuqeda ngoMashi wangonyaka ozayo. Uthe bafuna uhulumeni abuyele ezingxoxweni kwazise izinyunyana zibeke u- 10% etafuleni.
UNksz Thembeka Thwala weFedusa uthe ukuphila kulezi zinsuku kuyabiza kakhulu, ngakho ukunyusela abasebenzi ngo-3% akwenzi ubulungiswa.
“Abasebenzi kumele baye emsebenzini zinsuku zonke. Uphethroli uyabiza kanjalo nokudla. NjengeFedusa seseka abasebenzi ngalesi sikhathi. Abasebenzi balapha ngoba bafuna ukuzwakalisa ilaka labo ngaleli phesenti elifakwe umqashi, futhi bayakuqonda ukuthi ngokubamba iqhaza kule mashi ngeke bakhokhelwe lolu suku,” kusho uNksz Thwala.
USihlalo weCosatu esifundazweni uMnuz Phumlani Duma ekhuluma namakhulu abasebenzi abebemasha uthe abasebenzi sebethule ngokwanele, ngakho bafuna ukubhekana nomqashi bamenze ahloniphe abasebenzi.
“Ukuphepha kwaleli zwe, kusemahlombe alaba basebenzi. Ngakho siyakholwa ukuthi umqashi kumele ahloniphe abasebenzi abalalele. Esikufunayo kusilungele ngoba ngeke sisebenzise okwezigqila, kodwa sinikwe amakinati,” kusho uDuma.
Okunye okuvele encwadini yezikhalo, izinyunyana zifuna uhulumeni aqashe ngokugcwele abasebenzi abayitoho okukhona kubo abasizi bothisha, abasebenza njengamaphoyisa nababhekele izidingo zomphakathi ezindaweni ezihlala umphakathi.
Baphinde bafune uhulumeni ukuthi agcwalise izikhala ezivulekile ngokuqasha abasebenzi, nokunyusa imali ngo-10% ukuze abasebenzi bamelane nezindleko.
UNobhala-Jikelele weSouth African Communist Party uMnuz Solly Mapaile, obesemashini yabasebenzi ebisePitoli, uthe bafuna uhulumeni ahloniphe abasebenzi, ikakhulukazi bakahulumeni njengoba bebesekhaleni lempi ngesikhathi i-Covid 19 isadla lubi kuleli.
NaseMpumalanga, eMbombela, amakhulu abasebenzi abegcwele umgwaqo emasha.