KULINDELEKE ukuthi bafake isicelo sebheyili abasolwa abangu-15 ababoshwe ezifundazweni ezahlukene kuleli ngecala lokubulala nokuzama ukubulala eNyuvesi yaseFort Hare.
UNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, noGeneral Fannie Masemola bazifikele mathupha ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi eDimbaza, e-Eastern Cape, ngesikhathi bevela okokuqala abasolwa ababhekene namacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.
Ithimba lamaphoyisa elabunjwa ukuze liphenye izigameko zokubulawa kwabantu enyuvesi, libophe abasolwa abangu-15. Kulaba basolwa kukhona no-Anwar Khan, ongumnikazi weThe Pentagon Group futhi obengumqaphi womrepha wakuleli owadutshulwa wabulawa eThekwini, u-AKA. Abanye abasolwa bangabasebenzi benyuvesi okubalwa nesikhulu seHR, umphathi weSupply Chain, nelungu lezokuphepha nokuvikela enyuvesi.
Abasolwa baboshwe ngempelasonto ezifundazweni ezihlukene okubalwa iKwaZulu-Natal, Gauteng, Western Cape, nase-Eastern Cape. Babuyele enkantolo namuhla kanti kulindeleke ukuthi bafake izicelo zebheyili.
Ukuboshwa kwabo kwenyusa isibalo sabantu ababoshelwe amacala athinta inyuvesi safinyelela ku-25.
Abasolwa abangu-10 okungu-Isaac Plaatjies obengumqondisi kule nyuvesi, uBongani Peter obeyiChief Operating Transport Officer enyuvesi, Wanini Khuza owayengunsumpa wabashayeli osewathatha umhlalaphansi, Sicelo Mbulawa owayeyilungu leSRC enyuvesi kodwa osengusomabhizinisi ohlinzeka le nyuvesi ngomsebenzi wokulungisa izimoto, Mthobisi Khanyile odume ngokweba izimoto azishushumbise emngceleni, noMthobisi Dlamini onamacala evile kwawu-15 okugqekeza nokweba ezindaweni zaseBerea, Mayville naseMorningside, eThekwini.
UThamsanqa Mgwetyana owabanjwa ebhace eKZN kanti kuthiwa nguyena owaveza igama likaPlaatjies njengothintekayo kulawa macala. UZimele Chiliza ongusomatekisi KwaZulu-Natal, uPelisa Nkonyeni ongummeli nephoyisa uLindokuhle Manjati elisebenza ngaphansi kophiko lwabaphenyi eMthatha.
Bonke abasolwa babhekene namacala amabili okubulala, amathathu nokuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni nokweba imoto. UPeter, Mbulawa noKhuza babekwe nelinye icala lokukhwabanisa.
Indaba yaqala ngesikhathi kuqashwa uSolwazi Sakhela Buhlungu kwesokuba ngusomaqhuzu eNyuvesi yaseFort Hare ngo-2017. Ngo-2020 lo solwazi wathola ukuthi kunobudedengu kwezokuphatha, inkohlakalo nokukhwabanisa. Wakusukumela lokhu wabe esevula amacala obugebengu kanjalo nokuqondiswa ubugwegwe kubasolwa ababesezikhundleni eziphezulu enyuvesi.
Ngo-2022, kwahlaselwa uMnuz Petrus Roets owayeqashwe nguBuhlungu kwesokuba ngumphathi wezithuthi kule nyuvesi. URoets wadutshulwa wabulawa esangweni lomuzi wakhe eGonubie. Ngemuva kokuhlaselwa kwalo mphathi, usolwazi wasatshiswa kwaze kwaba wukuthi utholelwa abaqaphi, waxhumana kanjalo noMnuz Mboneni Vesele owayengunogada wakhe. Akubanga yisikhathi esitheni besebenza ndawonye, wahlaselwa uVesele ngoyaba lwezinhlamvu ngaphandle kwamagceke omuzi kaBuhlungu, waphangalala khona lapho, ngoJanuwari 2023.