Owayengungqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Nathi Nhleko, uthi uNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uhlinzele ezibini inhlangano ekhuluma into engekho ngodaba lomuzi wowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
UNhleko uxoxe neSolezwe ephendula ngenkulumo kaMbalula esuse umsindo.
Uthe ubengalindele ukuthi lolu daba luzoba lukhulu kangaka, abantu bebembuza bekhuluma nangalo esidlangaleni, wabona ukuthi kufanele aqondise ukukhuluma.
UMbalula ngempelasonto utshele izintatheli ukuthi uZuma bamvikela, baze baqamba amanga ngezokuphepha ezazifakwe emzini wakhe. Ngesikhathi kunomsindo ngomuzi oseNkandla, uNhleko wayesewungqongqoshe.
UNhleko wuyena owayechazela iPhalamende ngodaba lwaseNkandla olwaludla lubi, amaqembu aphikisayo evutha. Umsindo wawususwe wukuthi ngesikhathi kuqiniswa ezokuphepha kwaZuma, kwakhiwa izinto ezazishayisa amakhala kwabaningi, bethi kumoshwe imali kahulumeni.
UNhleko uchaze indaba yedamu lamanzi elakhiwa kwaZuma, okwakuthiwa ngelokubhukuda.
“Unjiniyela wathi amanzi asemzini kaZuma awenele ngoba umuzi ufulelwe ngotshani. Kuyoba nzima uma kuqubuka umlilo. Wabe esephakamisa ukuthi kwakhiwe idamu lamanzi okubhula umlilo ukuze kwengezwe amanzi,,’ kusho uNhleko.
Uthe kwakhiwa idamu kulandelwa isiphakamiso sikanjiniyela. UNhleko uthe imibiko ngodaba lwaseNkandla yayethulwa kuMnuz Cyril Ramaphosa owayeyiphini likamengameli futhi ewusihlalo wekomiti lezepolitiki.
“Uma ethi ngaqamba amanga egameni le-ANC, akakhombe umholi owangithuma ukuthi ngiqambe amanga. Kusho ukuthi uchaza ukuthi mina ngephula isifungo sokwethembeka engasithatha ngemukela isikhundla.
Uyenzele phansi i-ANC ngoba abantu bazoyethemba kanjani uma kuthiwa ibuye iqambe amanga? ” kusho uNhleko.
UNhleko uthe izibaya lezi okwakukhalwa ngazo kwaZuma, waphenya wathola izimpendulo ngazo. Uthe kwaba nesidingo sezibaya ezintsha, ukuthi zithi ukuqhela ezindlini ngoba kwakucushwa ama-alamu, kwakungafuneki ukugcaluza kwezilwane.
Uthe isenzo sikaMbalula sihlinzela ezibini kwayena uRamaphosa uqobo ngoba wuyena ohola umbutho njengamanje. UNhleko uthe uMbalula ungunontandakubukwa, uze agamanxe enze amaphutha.
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe uNhleko uma enesikhalo kufanele axhumane nenhlangano akhulume ngaphakathi ezinhlakeni.