UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza ugqugquzele abantu baKwaDweshula, Ogwini oluseNingizimu ukuba babumbe imindeni ukuze kuliwe nezinkinga ezikhungethe umphakathi.
UNkk Khoza ubegubha usuku lwemindeni nabantu bomphakathi kanti ukhale ngokuqhekeka kwemindeni okuyikona okugcina kwenza ukuthi izingane zingene ebugebengwini nasezidakamizweni.
Uthe akwamukelekile ukuthi emndenini kube nezingane ezishushumbisa izidakamizwa.
“Siyacela imindeni ihlangane ukuze kuliwe nezinkinga zobugebengu, udlame nezidakamizwa. Uma imindeni ibumbene nomphakathi kulula ukuthi uhlangane ukuze wakhe indawo ephephile kuzo zonke izakhamuzi nakwabesifazane nezingane,” kusho uNkk Khoza.
Ubehola umkhankaso obizwa nge-Operation Sigalelekile okuwumkhankaso osondeza uhulumeni ebantwini, lapha ebeye ku-ward 1, eMzumbe.
Emasontweni amabili edlule uNkk Khoza wayevakashile kule ndawo, abantu abadala bamcela ukuthi azobasiza ukulwa nokuhlukunyezwa kwabo.
UNkk Khoza uthe kubalulekile ukuthi imindeni ihlangane ngoba kunosiko lwenhlonipho efundisana lona.
Ukhumbuze umphakathi ukuthi akwamukelekile ukuhlukunyezwa kwezingane, exoxa nodaba lwengane eneminyaka eyisithupha eyashaywa kanzima ngunina ongayizali ngethawula elimanzi.
“Sifuna ukugqugquzela umphakathi ukuthi ungalokothi uhlukumeze izingane uma kukhona onganeme ngakho. Njengomnyango sinesibophezelo sokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ohlukumeza izingane uyaboshwa. Namhlanje ngize nayo yonke iminyango ukuze abantu basizakale,” kusho uNkk Khoza.
Bekukhona uMnyango wezaseKhaya, owokuThuthukiswa koMphakathi, owezoLimo, ukuHlaliswa kwabantu, owezeMpilo, iSouth African Social Security Agency (Sassa), amaphoyisa ne-National Development Agency.
UNkk Khoza ufike eyikazela yizipho okubalwa izingubo zokulala azimbathise abadala ukuze bafudumale njengoba sekungene ubusika namaphakethe anezipho eziyizidingongqangi azishiyele uNkk Dumazile Mkhungo oneminyaka ewu-102 ocele uhulumeni ukuba umsize umakhele ikhaya.
“Siyathembisa ukuthi sizomakhela ikhaya uNkk Mkhungo sihambisana noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu. Siwuhulumeni onakekelayo futhi osheshayo ukusabela uma ubizwa ikakhulukazi ngabantu abadala. UNkk Mkhungo uneminyaka ewu-102, uhlala kurawondi wodaka futhi uhlala elele, usethembele kubazukulu bakhe njengooba esemdala,” kusho uNkk Khoza.
Uveze ukuthi impesheni kaNkk Mkhungo yondla amalungu omndeni wakhe amahlanu njengoba kungekho osebenzayo khona.
UNkk Khoza ubuye wagubha usuku lomama nezalukazi esho ukuthi kufanele zinikezwe uthando nenhlonipho ngoba yizona ezikhulisa imindeni.
Uphethe ngokuthi bazoqinisekisa ukuthi bonke abantu baKwaZulu-Natal bahlala emakhaya anesithunzi, azobalethela impilo engcono.
IMeya kuMasipala Ugu, uMnuz Mandla Chiya, ithe basebenza imini nobusuku ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uthola amanzi ahlanzekile.