UNGQONGQOSHE wezeMpilo uDkt u-Aaron Motsoaledi ucele iPhalamende ukuthi leseke ukulanyulwa njengendlela yokuxazulula izimangalo ezifakwe ngababopha izibhedlela esikhundleni sezinkantolo okuyindlela esetshenziswa manje.
Uthe izinga okufakwa ngalo izimangalo kulo mnyango liholele ekutheni uphiko lwamaphoyisa oluphenya amacala ayisipesheli, iSpecial Investigation Unit (SIU) kusukela manje luphenye zonke izimangalo ezisolisayo.
Ngeledlule iSIU ithe izicelo zokukhokhelwa kweziguli ezisola abasebenzi bomnyango ngokuzilimaza ezikhona manje zibiza uR4 billion.
UMotsoaledi ubevele ngaphambi komhlangano wamakomiti amathathu ePhalamende ngoLwesithathu. Uthe odokotela sebeyasaba ukwelapha iziguli ngendlela ababona ngayo ngoba besaba ukuboshwa. Uthe lokhu kuyayishintsha indlela yokwelapha.
UMotsoaledi ukuqinisekisile ukusebenzisana phakathi kwabameli abangathembekile nabasebenzi bezempilo ukuze kufakwe izicelo zokukhokhelwa ezifuna kukhokhwe imali eningi. Ezinye zazo ziwumgunyathi ikakhulukazi ezezingane okuthiwa zathikanyezwa imithi ethile yokwelapha ubuchopho zabe seziba ne-celebral palsly.
Uthe kwezinye zalezi zicelo kuyenzeka ukuthi ingane okukhulunywa ngayo ayikho futhi ayikaze ibe khona.
Ungqongqoshe uthe indlela yokuxazulula izimangalo ngaphandle kwenkantolo isetshenziswa emazweni amaningi eScandinavia.
" Le ndlela isiza abantu abaningi kuhlanganisa nemiphakathi empofu engeke ikwazi ukukhokhela abameli ukuthi ihlomule ngendlela enobulungiswa ngokulimala ngesikhathi sokwelashwa," kusho yena.
Uthe igwema nokuthi odokotela basebenze benovalo lokuboshwa uma kwenzeka kuba nenkinga.