INTOKAZI yaseClermont efunda isimo sezulu ezindabeni ezethulwa ngesiZulu kwiSABC 1 ngo-7 ebusuku, ithi iphila iphupho layo. UTiny Ntshiza uthi bekuvele kuyisifiso sakhe ukuba kwithelevishini njengoba nasesikoleni enza iTelevision and Film. Kodwa abantu athi ubabonga kakhulu, abazali bakhe abameluleka ngokuthi agxile emfundweni nomfowabo ongasekho okunguyena owangena kuqala kulo mkhakha, yena wabe eselandela ezinyathelweni zakhe.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Online, uthe wenze amabanga aphansi KwaDabeka, wadlulela eReservoir Hills, wabe eseqedela u-matric wakhe eMusgrave.
“Ngemuva kokuqeda izifundo zami ngibe sengiya kohlala eGoli, ngafaka isicelo somsebenzi kwaSABC, ngenhlanhla yami bangithatha. Ngaphambi kokuthi ngikhohlwe, ngike ngenza umsebenzi wokuqondisa indawo yakhaphethi obomvu kumaSimon Mabhunu Sabelo Awards kanti nginokusebenza futhi namaSouth African Traditional Awards,” kuchaza uTiny.
Uthe eSABC usebenza njengeVision Mixer, Assistant Production, Autocue akuchaze ngokuthi konke okushiwo umethuli wohlelo kusuke kusuka kuyena. Uveze ukuthi lokhu ukwenza ezinhlelweni ezahlukahlukene, ubale iMorning Live, Expression, iLungelo Elakho neKids News.
“Ngiwuthanda kakhulu umsebenzi engiwenzayo,” kulandisa uTiny.
Uthe kuphinde kwanesikhangiso somuntu ofuna ukufunda isimo sezulu. “Ngisifakile isicelo ngathathwa yingakho manje sengenza nalomsebenzi,” kusho uTiny ongene eSabc ngo-2016 ena-21, manje useneminyaka engu-29.
Uphethe ngokuthi unesifiso sokungena kuKhozi FM njengomsakazi aphinde ethule isimo sezulu ngoba uyazifela ngakho.
“Umuntu ongenze nganothando lomsakazo uDudu Khoza, ngikhule ngizifela ngaye, nanamanje ngimthanda ukufa,” kusho uTiny othe uma engekho matasa ulalela iR&B neGqom’.