UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, unengwa wukwanda kwezigameko zokudlwengulwa kwezalukazi ezindaweni ezingaphansi kukaMasipala waseMshwathi.
UNkk Dube-Ncube udalule lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi kunembizo yokulwa nobugebengu ezinkundleni zemidlalo eNdlebezembuzi, kwaSwayimani.
UNdunankulu uthe baze badlulela esiteshini samaphoyisa esisebenzela indawo ukuyokhuluma namaphoyisa ngale nkinga. Unxuse umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ekulweni nesihlava.
Ngo-2012 ucwaningo olwenziwa wuMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi eKZN, lwaveza ukuthi indawo yakwaSwayimane, ihamba phambili ngezigameko zokudliwa kwezidakamizwa, utshwala nokudlwengulwa kwezalukazi.
Unkosikazi walowo owayenguMengameli wezwe, uNkk Thobeka Madiba-Zuma, ehambisana nosonhlalakahle baze bathula umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu abadala emuva kokudlwengulwa kwezalukazi ezineminyaka ewu-84 nesino-94.
Ngo-2015 owayenguNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNkk Bathabile Dlamini, wethula ikhaya labantu abadala esigodini saseGujini.
UNkk Dube-Ncube ubuye wanikela ngezindlu ebantwini abebehlala emapulazini futhi wathembisa ukutakula imindeni eyasala dengwane emuva kokuhlasela kwezikhukhula kule ndawo.
Undunankulu unxuse osomabhizinisi abasafufusa ukuba bayeke ukurentisa ngezitolo zabo ebantwini bangaphandle, kunalokho abaxhumane nehhovisi lakhe ukuze bathole uxhaso. Ugqugquzela abafundi abaneziqu ukuba bazifukule ngolwazi ukuze bakwazi ukuqasheka ngoba kungenzeka ukuthi iziqu aziwalungele amathuba emisebenzi ekhona.
Imeya yaseMshwathi uMnuz Mandla Zondi, ikhale ngokwanda kwezigameko zokubulawa kosomatekisi KwaSwayimani. Uthe esikhathini esifushane kule ndawo sekubulawe osomatekisi ababalelwa kwabangu-15. Wathi basezinhlelweni zokuvuselela isiteshi samaphoyisa esingumahambanendlwana esikule ndawo.
Eqhuba echaza uZondi, uthe isiteshi sasivalwe ngenxa yokungabikhona kukagesi namanzi.
IMeya yoMkhandlu waseMgungundlovu ithembise ukusukumela inkinga yamanzi nekagesi. Uhlelo lomcimbi beluphethwe nguNgqongqoshe wezoLimo eKZN, uMnuz Super Zuma.