UNDUNANKULU kaZulu omusha, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthi inhlanzi ishelwe ngamanzi kwababize ngamankentshane asebenzisa igama leSilo ukukhwahla abantu.
UButhelezi usho lokhu exoxa neSolezwe ngemuva kwesithangami sabezindaba eThekwini, izolo. Bekungokokuqala uMfu Buthelezi ebiza abezindaba okokuqala kulandela ukuqokelwa kwakhe esikhundleni esihlonishwayo kwaZulu, esisondele eduze kweSilo.
UButhelezi obuye abe yiMeya yaseZululand, uqokelwe esikhundleni sikaNdunankulu kaZulu ngenyanga edlule, emcimbini wokukhumbula iMpi yaseSandlwana. Ungena esikhundleni ebesiphethwe Inkosi Mangosuthu Buthelezi ongasekho, ophathe umsebenzi iminyaka ecela kwengu-70.
Isikhundla sikandunankulu kaZulu sinomlando kwaButhelezi njengoba sake saphathwa ngezinye izingwevu zakhona esezalala.
UMfu Buthelezi umenyezelwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, esiqoke Inkosi Phathisizwe Chiliza ukuba yiPhini likaNdunankulu kaZulu. UChiliza ubesondelene kakhulu neSilo esabuza uZwelithini kaBhekuzulu.
UMfu Buthelezi uthe iSilo esibusayo sikhalile ngokuthi kukhona abantu abasebenzisa igama leSihlalo sikaZulu ukukhonga imali ezindaweni ezehlukene.
“Ikhalile iNgonyama ngokuthi kunamankentshane asebenzisa uphawu lobukhosi ukuze azizuzele wona. Kunamankentshane aziveza ekhuluma egameni leSilo, akhiphe nezitatimende egameni leSilo zingaphumi kuso.
INgonyama ingithumile ukuthi konke okuphumayo kudlule ehhovisi lami, ngikucubungule ukuthi kufanele yini,’’ kusho uButhelezi.
Esitatimendeni sakhe sabezindaba uButhelezi, uthe kukhona ngisho ababuye bakokotele uphawu lokusayina lweSilo ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo.
UShenge ngesikhathi ekhuluma nabezindaba umemezele izinhlelo ezikhona zeNdlulamithi. Uthe kuzokwembulwa umfuziselo weSilo uZwelithini kaBhekuzulu esizala esibusayo. Uthe umcimbi uzoba ngoMashi 12 nonyaka okuwusuku okwakhothama ngalo iMbube endala.
Ngaphandle kwalokho uthe kuzokwethulwa umfuziselo weSilo saKwaDukuza, uShaka kaSenzangakhona ngo-Epreli 27. Uthe imininingwane yale micimbi bazoyimemezela maduze.
Uthe kukhona nohlelo lwamabutho lwenkonzo yesikhumbuzo sikandunankulu kaZulu ongasekho Inkosi uShenge. Uthe yonke le micimbi inhloso yayo wukuvukuza ukuzigqaja nokuthanda usiko, ikakhulukazi kubantu abasha.
Uthe bazimisele ngokuthi intsha isondele ezintweni zesintu, ifundiswe kabanzi ngomlando namasiko kaZulu. UShenge uthe yingakho kubuthwe ibutho elisha, elethiwe ngokuthi uSilwanetshe. Uthe uzimisele ngokuhamba ezinyathelweni zikandunankulu omdala inkosi yakwaButhelezi ekhotheme ngonyaka odlule.