UNDLUNKULU Catherene Gumede waKwaMduku unxenxe isizwe ukuba sikhulukele indlunkulu kaZulu emcimbini obuKwaMakhasa eHluhluwe, lapho bekukhulekelwa izinkinga ezikhungethe iNingizimu Afrika.
Uthe iNingizimu Afrika ibhekene nesikhathi esingesihle nhlobo kodwa bayafisa ukuthi uNkulunkulu angenelele.
“Siyazi ukuthi uSathane uyathanda ukuxova enze izinto ezingalungile kodwa siyakhuleka mihla yonke ukuthi uNkulunkulu angenelele, avikele ubukhosi obakhiwa nguye emhlabeni. Ngakho- ke siyakholwa ukuthi uMdali uzongenelela ngoba siyazi ukuthi obekiwe usuke ebekwe uNkulunkulu, hhayi abantu basemhlabeni,” kusho uNdlunkulu.
Uveze lokhu emva komhlangano wembizo obuseSishayamthetho esidala oLundi obubizwe yiSilo uMisizulu kaZwelithini.
Kule mbizo Isilo sizwakalise ukukhathazeka kwaso ngendlela okugxambukela ngayo abepolitiki odabeni lweNgonyama Trust okunezinsolo zokuthi bafuna ukudla amandla okulawulwa kweNgonyama Trust nokuhlwitha amandla amakhosi ukuthi angabi nazwi kuyo.
Ibhodi elisha leNgonyama Trust lamalungu ayisishiyagalolunye lisanda kwenza isibophezelo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ukuthi ngeke liphinde likhokhele izindleko zabameli beSilo uma kunamacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.