UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uchaze obengumengameli waseTanzania uMnuz John Magufuli, njengendoda elisebenzele kakhulu izwe layo.
URamaphosa ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaMagufuli eJamhuri Stadium eDodoma eTanzania izolo.
UMagufuli ushone ngeledlule, kuthiwa uhlaselwe isifo senhliziyo.
Kumanje uNkk Samia Suluhu Hassan, osenguMengameli ubeyiPhini likaMagufuli.
URamaphosa uthe elakuleli liyaziqhenya ngamagalelo kaMagufuli (61).
“Silahlekelwe umengameli obeziqhenya ngokuba owase-Afrika. Ngiyakhumbula sixoxa naye esemcimbini wokugcotshwa kwami, saxoxa ngombono anawo ngeTanzania, efuna inqubekela phambili ngayo. Ngazizwa ngithobekile ngoba waya kwamanye amazwe. Wayejwayele ukuzihlalela kuleli zwe (eTanzania). Ngangizitshela ukuthi ingoba usaba ukundiza ngebhanoyi, kodwa wangitshela ukuthi yena uthanda ukuzihlalela ezweni lakhe asebenzele izwe nabantu kunokuthi elokhu ehamba. Ngabona nami ukuthi impela wayekhetha ukuzihlalela ezweni lakubo ukuze asebenzele abantu njengoba kukuningi akwenzele izwe,” kusho uRamaphosa.
Uthe: “ITanzania yasilekelela kakhulu sibhekene nohulumeni wobandlululo. Njengoba saba isizwe sokugcina ukuthola inkululeko, isizwe saseTanzania sasiza kakhulu iNingizimu Afrika, lasihlanganisa namanye amazwe.”
Ephetha umbonge ngezinto ezintathu.
“Waba ngomunye umuntu owalwa nenkohlakalo, waba ngomunye wabaholi base-Afrika owayekholwa ukuthi abaholi kumele besebenzele abantu, bangazenzeli bona. Ngifisa nokumbonga ngokugxila ekukhulisweni komnotho kuleli zwe nase-Afrika yonkana.”