UNCOMA ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa omunye wemindeni yabesifazane abadutshulwe babulawa ngesihluku eKenville eThekwini ngempelasonto.
Abangani, uNksz Anele Mbokazi (29) obengumhlengikazi esibhedlela saKwaDukuza iGeneral Justice Gizenga Mpanza Regional noNksz Zizipho Gabisa (30) obeyi-pharmacist esibhedlela esizimele eMhlanga, batholwa befile, benamanxeba okudutshulwa ebusweni ngeSonto.
Ngokuphazima kweso, amaphoyisa abopha abesilisa abangamathe nolimu, uMnuz Lungani Mthethwa (38) noMnuz Sandile Chili (44).
Babanjwa emotweni iMercedes-Benz emhlophe okusolwa ukuthi babehamba ngayo ngosuku lwesehlo eSouth Beach, eThekwini, ngoMsombuluko.
Emotweni kutholwe iselula kaNksz Mbokazi, eyasiza abakwasidlodlo ekulandeleni umkhondo wabasolwa.
Umfowabo kaNksz Mbokazi, uMnuz Mvuselelo Magwaza, uthe bayawabonga amaphoyisa ngokuzikhandla kwawo.
“Siyishayela ihlombe indlela asukumela phezulu ngayo, yaze yaholela ekutheni kusheshe kuboshwe abasolwa. Sesifuna ukubona umthetho usebenza,” kusho uMagwaza.
Uphinde waveza ukuthi bamagange ngokuzotholwa amaphoyisa emafonini abafi awathathile ngenhloso yokuphenya njengoba benenkolelo yokuthi azoveza kabanzi ngobudlelwano babafi nabasolwa.
Uqhube wathi yize bengeke bazazi izindaba zezingane bengabantu abadala kodwa abafi nabasolwa bese benobudlelwane obuqinile bokwethembana.
“Akuvelanga kwahanjwa kungaziwana, laba bantu bayazana futhi bebethembana. Okunye, lezi zingane azizona izigruvane njengoba kushiwo. Kuyiqiniso ukuthi bahlangana emcimbini ngenyanga edlule,” kusho uMgwaza.
Uphinde wagcizelela ukuthi abasolwa akusibo nje abantu abangaziwa.
“Oyedwa wabasolwa uyisihlobo salapho okwakunomcimbi khona ngakho bekungumuntu owaziwayo,” kusho uMagwaza.
Uthe abazange bahambe ngoLwesihlanu kodwa bahamba ngoMgqibelo ngezikhathi zasemini ohambweni olwaluhleliwe.
Uthe uNksz Mbokazi uzongcwatshwa ngoMgqibelo emva kwenkonzo ezoba sesontweni lamaRoma e-Oakford eVerulam.
Uthe uNksz Gabisa uzofihlwa e-Eastern Cape lapho umndeni wakhe udabuka khona.
Ezinkundleni zokuxhumana usaqhubeka umsindo abantu beveza ukuthi bayamazi umsolwa wokuqala, uMthethwa ngezindlela ezehlukene.
Baningi abakhala ngokuthi uyiqola, wabagebenga izishaqane zemali, kuphinde kube khona owesifazane odalule ukuthi wabulala udadewabo kodwa waphunyula ngoba enemali.