UMUNYU emndenini kaSqalo Phumelela Ntlooa (7) kutholakala isidumbu sakhe ngemuva kokubikwa njengolahlekile ngeSonto emini eNsimbini, Cator Manor.
USqala walahleka ehamba nabangani bakhe beyozingela kwacaca sebebuya abangani ukuthi yena udukile.
Umbiko okhishwe abeReaction Unit South Africa uveza ukuthi abangani bebekhuluma izinto ezingafani ngesikhathi bephekwa ngemibuzo ngokwenzekile.
"Babodwa abathi akabuyanga nabo ekuzingeleni ehlathini abanye baveza ukuthi ubuyile nabo kepha wadlulela esitolo esiseduze eyodlala imishini”, kusho uPrem Balram okhulumela iRUSA.
Abasebenzi basesitolo baphoswe ngemibuzo ekulandeleni isitatimende sabangani bakaNtlooa kepha akukho okutholekele okuphathekayo.
KUTHUNGATHWA umfana oneminyaka emibili oduke epulazini likamoba kade edlala nezinye izingane ngoMsombuluko ekuseni.
KUSENZIMA ngisho ukukhuluma kunina wengane enezinyanga ezine yaKwaSithebe eMandeni, okuthiwa intshontshwe ngumuntu ongaziwa ngoLwesihlanu ebusuku, isidumbu sayo satholakala siphoswe emhosheni osendaweni ngoMgqibelo. Ngokusho kukaninakhulu kaLunathi Simelane, osebenza ngamakhambi esintu, uNksz Thembelihle Ngwenya, ubengekho ekhaya ngesikhathi kuntshontshwa le ngane ezalwa nguSlindile Simelane (17).
Omunye wabangani uphinde waveza ukuthi; “uNtlooa ungene emotweni angayazi ngemva kokubuya ekuzingeleni”, kepha lokhu akuqinisekwanga.
NgoMsombuluko, abeRUSA baqhubekile nemizamo yokuthungatha lo mfana kusetshenziswa indiza enophephela emhlani. umsebenzi wokuthungatha lo mfana nokuyilapho okugcine kutholakala isidumbu sakhe emfuleni iCator Manor.
Imbangela yokufa kwakhe ayicacanga kahle, kodwa icala liphenywa amaphoyisa.
Kusolakala ukuba uNtlooa uhlulekile ukubhukuda kule pool, wase eminza.
Isolezwe