WENQABE waphetha ukwamukela imfene ‘yomthakathi’ obeseyichitha ngoba eselaxaza ubuthakathi.
Lo “mkhunkuli” wasePort Shepstone ocele ukuthi lingadalulwa igama lakhe, ngoba esabela ukuhlaselwa wumphakathi, wethuse abaningi eMthwalume eyonikezela ngale mfene ngoba ethi usekhathele ukuyifuya.
Obenikezwa le mfene, uMnuz Hloniphizwe “Double 12” Mkhize, uthi ubengayesabi le mfene kodwa unqabe ukuyithatha ngoba ubengazi ukuthi kwenzekani.
UDouble 12 uthi ngesikhathi lo mlisa efike enkonzweni yakhe, waba nesibonakaliso sokuthi lo mlisa uhlushwa yimfene kwakhe futhi akasabulali nobuthongo.
Uma esethola kabanzi, kwavela ukuthi lo wesilisa wemfene unengane enezinyanga izelwe, engalali ebusuku ngenxa yale mfene. Unkosikazi wakhe usecele ukuthi buyekwe ubuthakathi ngoba buphazamisa inhlalakahle yengane.
“Ngithuke esebuya nayo eseyilayishe emotweni. Uma echaza, uthi wayishiyelwa umalume wakhe osashona. Manje njengoba ngihamba ngezimoto ezibizayo, imfene ibingahlalaphi emotweni yami?”kubuza uMkhize.
Uthe umyalele ukuthi abuyele nayo emzini wakhe ukuze ayoyibonela khona.
“Ngifike sekuthiwa uye eMaputo, uyozama usizo khona,” kusho uMkhize.
Omunye wabantu ababekhona kufika le mfene, uthi bashaqeka ngoba babengalindele ukuthi kukhona umuntu ongaphumela obala ngento ebucayi kangaka.
Eziphendulela lo wesilisa okuthiwa akasayifuni imfene, uthe ubengaqondile ukucasula umthandazi ngalesi senzo.
“Ukuza kwami nalesi silwane kumthandazi bekungekhona ukumcasula ngendlela osekwenzeka ngayo. Inhloso yami bekuwukuthi akasithathe lesi silwane bese ethatha isinqumo ngaso ngoba ukwazile ukungibhulela ukuthi nginemfene esiyinkinga emndenini wami,” kusho umnikazi wemfene oneminyaka elinganiselwa ku-40.
Uthe ubezama ukuyisusa egcekeni lakhe.
“Ngikwazile ukuyilahla imithi kodwa imfene yona izibuyele ngemuva kokuthi ngiyilahle ehlathini,” usho kanje.
“Umthandazi ungitshele ngokugcatshwa kwami ngokuthakathwa ngisemncane, ngakho bengifuna angelaphe , angisuse nethunzi lale mfene engihamba nayo, bese eyidukisa kimi ingabe isabuya.”
Uthe kodwa bekungamele lolu daba lufike kwabezindaba.
“Bekungafanele ngibizelwe izintatheli ngoba nasendaweni bebevele bengisola ngokuthathaka, manje uma kuvela into enje kwabezindaba, sizobulawa sonke emndenini,” kuzikhalela "umthakathi”.
“Njengoba umthandazi enqaba ukuyithatha, ngizozama ukuyibuyisela la umalume ayeyithathe khona njengoba yafika njengefa ezandleni zami.”