KUHLUKENE imibono ngemizamo kaHulumeni yokuvikela imboni yenkukhu kuleli ngenyama yenkukhu ethengwa phesheya.
UNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uMnuz Ebrahim Patel, umemezele ukuthi inyama yenkukhu ethengwa ngaphandle isizokhokha intela.
Le ntela yamiswa kusukela ngo-2021 ngenxa yokuthi uHulumeni wayezama ukuvikela abantu bakuleli entengweni ephezulu yenyama yenkukhu.
Kuzokhumbuleka ukuthi ucwaningo lwenhlangano ebhekele uhwebo emhlabeni jikelele, i-International Trade Administration Commission, lwaveza ukuthi iBrazil, Denmark, Ireland, Poland neSpain balahla inyama yenkukhu kuleli.
UMnyango wezoHwebo neziMboni wabe sewethula uhlelo lokuthi amaqatha enkukhu avela kwamanye amazwe akhokhe intela enkulu uma engena emachwebeni akuleli.
UMnuz Izaak Breitenbach, oyisikhulu esiphezulu seSouth African Poultry Association, uthe bayajabula ukuthi izobuya intela ezinkukhwini ezivela ngaphandle ngoba ngesikhathi ingasakhokhwa bese kungena inyama engamathani angu-46 000 ngenyanga esuka ku-17 000 wamathani ngenyanga ngesikhathi kukhokhwa intela.
Uthe ukumiswa kwentela kuphazamisa abadayisi benkukhu bakuleli ngoba akubikhona ukuncintisana okuhle.
Kolunye uhlangothi, uMnuz Fred Hume weHume International, uthe ukubuyiswa kwentela enyameni yenkukhu evela kwamanye amazwe kusho ukuthi abantu bakuleli bazokhokha imali ethe xaxa uma bethenga inyama yenkukhu.
Uveze ukuthi amaqatha enkukhu azoba nentela ka-265% kanti njengamanje amaphisisi aseBrazil akhokhiswa intela engu-62%.
Uthe leyo evela e-Ireland izoba nentela engu-158.4% kuleyo evela e-Europe.
Abakhiqizi benkukhu yakuleli baveze ukuthi ikhilo lamaqatha enkukhu yangaphandle libiza uR9 kodwa elenkukhu yakuleli libiza uR30.50. Lokhu kuthiwa kudalwa wukuthi amaqatha angaphandle asuke eselahlwa ngakho abawathengayo kufana nokuthi basuke bewacosha ngakho bakhokhiswa imali encane.
UMnuz Dean MacPherson okhulumela i-DA kwezohwebo nezimboni, uthe uPatel kumele ayimise intela ekhokhwa ngenyama yenkukhu evela ngaphandle ngoba kuzonyuka intengo yenkukhu ezitolo.