ASHAYA amakhala amaNazaretha angaphansi kobuholi uMnuz Mduduzi “uNyazilwezulu“ Shembe, ngeminikelo efunwa emathempelini, okuthiwa ngeyokwakha indlu yalo eyisitezi engaphakathi eBuhleni.
Kuthiwa abashumayeli nabakhokheli bangaphansi kwengcindezi kulezi zinsuku njengoba kuthiwa mabaqoqe le mali emathempelini abo. Kuthiwa basatshiswa ngokuchithwa ezikhundleni nokuxoshwa ebandleni uma behluleka ukuqoqa imali. Lokho kuholela ekutheni babe nengcindezi yokuthi bakhiphe imali emaphaketheni abo, ezohanjiswa oNyazini ukuze kwakhiwe isitezi.
Umthombo weSolezwe ngeSonto uveze ukuthi amathempeli amaningi asenezikweleti njengoba le minikelo kuthiwa mayilethwe amahlandla ahlukene.
“Ekuqaleni kuthiwe akulethwe oR3000 ithempeli ngalinye. Kubuye kwathiwa sekumele amathempeli alethe uR1000 ithempeli ngalinye. Muva nje kuthiwa mawalethe uR1 500, ithempeli ngalinye nemali yomcimbi webandla oba ngoSepthemba, engakadalulwa isamba sayo. Amathempeli angakwazanga ukukhipha imali ekuqaleni atshelwa ngesikweleti asenaso futhi agqugquzelwa ukuthi angasali ngaphandle ngoba kubalulekile ukuthi akhiphe le minikelo. Okuphinde kudide amakholwa wukwakhiwa kwesitezi soNyazi ekubeni selwehlulwe yicala. Amakholwa asele nemibuzo engenazimpendulo njengoba efuna ukwazi ukuthi kungani kuqhutshekwa kwakhiwa isitezi soNyazi ekubeni luhluliwe yicala. Akhala ngokuthi imali yawo izocwila uma kwenzeka lukhishwa eBuhleni njengoba Ukukhanyakwelanga (iNkosi Phinda Shembe) kumatasa nesicelo sasenkantolo sokukhipha uNyazi esihlalweni,” kusho umthombo.
Kuthintwa okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe akaphikisani nokwakhiwa kwendlu eyisitezi yoNyazi futhi bayazi ngaso.
“Inkinga esinayo wukuthi abantu baphambanisa imali yomnikelo nemali efunwa kubantu ngokungemthetho. Ngokwazi kwami umnikelo awukaze ube yisikweleti futhi akekho umuntu obekwa icala ngokungawukhiphi uma kudlule isikhathi engawukhiphanga. Imali le efunwa kubantu kayikho emthethweni ngoba inkosi uNyazi kayikaze ikhulume ngayo. Lokho kungukuqola abantu. Nginxusa abashumayeli nabakhokheli ukuthi bangazifaki ngaphansi kwengcindezi ngenxa yabantu abathile esontweni abafuna imali ngokungemthetho. Kumele baphumele obala bamele iqiniso ngokungavumi ukuqoqa leyo mali. Angisiboni isidingo sokusaba kwabo ukukhuluma uma bengabagcotshwa abasemthethweni,” kusho uMncwabe.
Okhulumela umholi wamaNazaretha, uKhukhanyakwelanga, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe nabo bayazi ngesitezi esakhiwayo eBuhleni.
“Lesi sitezi abasakhayo sadilizwa yilona uNyazilwezulu. Asazi ukuthi lwalusidilizelani ngoba yisitezi seNyangayezulu (iNkosi Amos Shembe engasekho) lesi. Kodwa-ke kasibagxeki ngokusakha ngoba sabhidlizwa yibona futhi sicela bafake nefenisha uma sebesiqedile ngoba thina siyofika sesicela ukhiye waso kuphela uma sekufike umholi wamaNazaretha eBuhleni,” kusho uMthethwa.
UMthethwa uthe lesi sitezi singokunye okungamagugu ebandla njengoba iNyangayezulu yakhothama ikusona ngo-1995. Uthe ngesikhathi sekuthatha iNkosi MV “Thingolwenkosazana” Shembe, lwaze lwacela ukuthi lwakhelwe enye indlu eceleni khona eBuhleni ngenhloso yokuhlonipha uyise ngokuthi lungabusi luhleli endlini yakhe.