BAWOTHA ubomvu abazali basesikoleni samabanga aphansi iBlessed Luanda esiseDonnybrook endaweni yase-St Charles, KwaZulu-Natal, njengoba bekhala ngokungabi bikho kwendawo yokuzikhulula kulesi sikole.
Kubikwa ukuthi izingane zizikhulula ngemuva kwamathoyilethi emigodi amadala asemagcekeni aso lesi sikole.
Omunye wabazali utshele Isolezwe ukuthi nyakenye uze waphela unyaka amathoyilethi engabonwa.
"Induna yendawo yaphakamisa ukuthi akuqoqwe abafana bambe imigodi ukuze kulungiswe amathoyilethi, kodwa uthishomkhulu wakuchitha lokho, wathi usezinhlelweni zokuthi alungiswe," kusho umzali ongathandanga ukudalulwa ngoba evikela ingane yakhe efunda kulesi sikole.
Uthe sekuze kwagcwala omahambanendlwana abebesetshenziswa.
"Ekumiseni kwakhe ukuthi alungiswe, wathi uzobambisa ngawomahambanendlwana kodwa nawo selokhu afika awakazwe athululwe, agcwele. Kwale noma sekufika ugandaganda ukuzogumba imigodi wawujikisa esangweni."
"Izingane sezizikhulula esikhotheni ngaphandle kwabo omahambanendlwana, okubeka impilo yazo engcupheni ngoba zingashaywa nayizinyoka. Waphinde wakhipha umyalelo kuthina njengabazali ukuthi asikhiphe imali engango-R100 ukuze, kwakhiwe amathoyilethi. Ababenayo bayikhipha kodwa namanje kusathulekile, akazwe kwenzeke lutho," ubeke kanje.
Omunye wabazali uthe abaxakiwe indaba yamathoyilethi kuphela, kodwa banenkinga nangendaba yemifaniswano yesikole.
"Uthishomkhulu uyawushintshashintsha umfaniswano wesikole. Ngonyaka afika ngawo wayishintsha njengoba manje besekugqokwa isiketi esibomvu namashethi amhlophe sajabula singabazali. Gwiqiqi nyakenye wathi sekuneshethi lesikole elimhlophe okumele lithungiswe elizoba nebheji lesikole nomugqa obomvu, saphinde savuma singabazali. Kube sekuphuma umyalelo wokuthi uma kuqala lo nyaka kumele izingane zibe sezigqoka lowo mfaniswano, kodwa manje uthishomkhulu usesitshela ukuthi leli shethi akasalifuni, usefuna isikibha esi-navy esinombala obomvu, nejezi lesikole nalo walishintsha. Singabazali siyazibuza ukuthi njengoba eza nalezi zinguquko ezingaka, thina sizoyithathaphi imali?"
"Okubuhlungu kakhulu ukuthi useze wakhipha nomyalelo wokuthi amashethi amhlophe akasawafuni ngoba abazali bayahluleka ukuwasha. Leyo nto iyasinenga singabazali ngoba ayifiki kahle kuthina ukuthi ingashiwo umuntu ophethe isikole," uphethe kanje.
Uthe kuke kwahlongozwa umhlangano nesigungu esilawula isikole ukuze kubhungwe ngayo le ndaba yomfaniswano njengoba ungatholakali ezitolo ezidumile.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe isikole sinawo amathoyilethi, okuhlukile ukuthi angomahambanendlwana.
"Ukuba khona komahambanendlwana kusho ukuthi sikwazile ukuhlinzeka isikole ngamathoyilethi, okusho ukuthi lawa ababewasebenzisa ngaphambilini anenkinga. Ukushintshashintsha imifaniswano yesikole angikholwa ukuthi uthishomkhulu usithatha yedwa isinqumo. Kunesigungu esangamele isikole uthishomkhulu abonisana naso ebese kuphunywa nesinqumo futhi kuyinto eqale iyodingidwa nasemhlanganweni wabazali," kusho uMahlambi.
Ugcizelele nokuthi njengoba uthishomkhulu wathi abazali abakhiphe imali engu-R100, unalo ilungelo lokwenza lokho ngoba ekugcineni usuke engaphoqe muntu, ubiza umhlangano kudingidwe ngodaba olusuke lusematheni, bese kuyavunyelwana.