INGXENYE yebutho likaZulu iqede ukuthela othulini inkunzi yase ibhekisa amabombo eSandlwana, eNquthu, lapho kunesikhumbuzo sempi kaZulu namaNgisi ngesonto elizayo.
Elinye iqoqo lebutho lizolandela kusasa. Ibutho eliphambili lizokube liyolindela ngakhona njengoba ngoLwesithathu kuzokuba nomkhosi wokukhumbula isigameko esenzeka entabeni, lapho uZulu anqoba amaNgisi.
Ibutho lichithwe ngoLwesine esigodlweni eMashobeni, kwaNongoma, lapho bekunoMkhosi woSelwa, kanti bese lihlale isonto lonke esigodlweni lenza yonke imikhuba eyenziwa uma kunoMkhosi woSelwa, okubalwa nokubamba, kushumpulwe inkunzi.
Bekuqala ukuba kwenziwe uMkhosi woSelwa selokhu iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sangena esihlalweni emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Okhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, uthe umkhosi ube yimpumelelo.
“Lona umkhosi omdala owawenziwa amakhosi endulo. Wagcina ukwenziwa iSilo sasoNdini, uCetshwayo, wase ubuya uvuselelwa yiSilo esibuzile uMdlokombane. Kuthe esebuzile-ke uMdlokombane, wathi ukuma kancane umkhosi. Okokuqala kwenziwa lo mkhosi sekuphethe iSilo esisesihlaweni,” kuchaza uMntwana uSimphiwe.
“Kuyasithokozisa thina njengendlunkulu ngoba lo mkhosi selokhu uqalile ngoDisemba 14, yonke into ihamba kahle. Selokhu uqalile kukhombisa ukuthi abanikazi bawo nendlunkulu yonke bawuvumile. Namanje kusakhombisa ngoba silokhu sithi siyathinta esikuthintayo, livele line. Imvula ikhombisa ukuthi umkhuleko weNgonyama uhambe ngendlela okuyiyo.”
UMntwana uSimphiwe ukuqinisekisile ukuthi uMkhosi weMpi yaseSandlwana, uzokuba ngoLwesithathu, wathi iSilo sicelile ukuthi yonke imigubho yenziwe ngosuku okwenzeka ngalo isigameko ngqo, kungashintshelwa kolunye usuku.
“NoMkhosi waKwaDukuza bese kuvamisile ukuthi wenzeke ngoMgqibelo. Kulo nyaka, iNgonyama icelile nawo ukuthi wenziwe ngoSeptemba 24, ophakathi nezinsuku.”
Umdidiyeli wamabutho uMntwana uVanana Zulu, uthe ibutho elizoyolindela eSandlwana, lizosuka oLundi ngeSonto.
“NgoMsombuluko sizokube siseShiyane.”
Kwenzeka lokhu nje, akukacaci ukuthi uzoqhubeka yini umgcagco weSilo ohlelelwe isonto elizayo.
IMbube kuhlelwe ukuthi igcagcelwe nguNdlunkulu uNomzamo Myeni, kodwa kunesicelo sasenkantolo esivimba umgcagco.
Lesi sicelo sifakwe nguNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, okhala ngokuthi iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye undlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
Isicelo sikandlunkulu sizolalelwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoMsombuluko.