UDINWE uthelwa ngamanzi umnikazi wenkomo okuthiwa iminze yatholakala isintanta edamini elisemzini wenyanga ephinde ibe ngumholi webandla, Ekuphileni Ministries eMbilanyoni, eMid-Illovo.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo okule ndawo ukuthi inkomo kaMnuz Duma Shandu, itholwe isintanta edamini likaZamokwakhe ‘King Bhaka’ Nzama emzini wakhe oseMid-Illovo.
Kuthiwa kusolakala ukuthi inkomo ibishe odakeni kuleli damu ngesikhathi iphuza amanzi ngoLwesithathu ntambama, ihamba nezinye.
Idamu kuthiwa laliyisiphethu esincane esasisetshenziswa wumphakathi kuseyidlelo lezinkomo lapho kukhona umuzi kaKing Bhaka.
Ngokusho kukaShandu ongumnikazi wenkomo, uthe idamu lanwetshwa nguNzama ngemuva kokuba ethenge indawo eMbilanyoni.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe kuyamcasula ukufa kwenkomo yakhe futhi ufuna uKing Bhaka ayikhokhe njengoba ibishe edamini lakhe.
"Eyami inkomo ngiyayifuna. Anginandaba ukuthi ifele edamini likabani! Okungicasula kakhulu wukuthi umnikazi walo ufike lilincane wabe eselinweba. Ibishile-ke manje inkomo ngenxa yesenzo sakhe. Asikaze siyithandisise le eyokuthi alinwebe ngoba sisaba zona izimo ezifana nalesi engikhala ngaso," kusho uShandu.
Uthe udaba ubeseludlulisele enduneni yendawo ngoba efisa ukuthi ludingidwe.
Ethintwa uNzama, uthe kufikile ezindlebeni zakhe okwenzekile ngenkomo yesinye sezakhamizi zakule ndawo, wabe esephuthuma khona edamini ukuyozibonela njengoba engahlali kulo muzi onedamu.
"Omakhelwane engibafice kulo (edamini) ngoLwesine bangitshele ukuthi inkomo ngeyakwaShandu. Angiqondi ukuthi kungani uShandu ekhushukelwa umoya ngoba akekho umuntu ongazi ukuthi idamu lisendaweni yami. Asikayibhungi indaba sinaye kodwa sihlele ukuthi sibonane ngenhloso yokuyixazulula," kusho lo melaphi.
Ithintwa induna yendawo, uMnuz Shandu, owenqabile negama lakhe, uthe uzwile ngalesi sigameko futhi basezinhlelweni zokuthi kuhlanganiswe umnikazi wenkomo nowedamu.