Isuse ukukhuluma iMeya yaseGoli, uMnuz Dada Morero ngesiphakamiso sayo sokuthi abantu bangaphandle bafakwe embuthweni wamaphoyisa omkhandlu ukulwisana nobugebengu.
Kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, uMorero uzwakala ethi uhlale ebuza ukuthi awekho amaphoyisa akhuluma ngisho olulodwa ulimi lwakwamanye amazwe ase-Afrika.
“Ingqinamba wukuthi silwe nobugebengu. Ungaba nabo bonke abasolwa bakho la kodwa ngaphambi kokuthi ubhale izitatimende bangahlela phambi kwakho ukuthi bazothini wena ungezwa ukuthi bathini,” kusho uMorero.
Uthe uma bezimisele ngokulwa nobugebengu ku-ward 67, bangabaqasha abantu bangaphandle abanamaphepha aqondile ukuthi basebenzele amaphoyisa aseGoli.
Unbelievable @HermanMashaba @GaytonMcK pic.twitter.com/PPaeED0anQ
— Mike Mat 🇿![CDATA[]]>🇦 (@mikesixsix) August 25, 2024
Echaza esiteshini sezindaba e-eNCAuMorero, uthe bebesemhlanganweni we-ANC esifundeni eGoli futhi umhlangano kumele ukhulume ngazo zonke izinto ezibathintayo eGoli. Uthe enye yezinto abebekhuluma ngazo bekuyinkinga yobugebengu.
Uthe emhlanganweni kubekwe kwacaca ukuthi isiphakamiso ngeke siphumelele ngokuthi kumele kubekwe phambili abantu bakuleli.
Umholi we-Action SA uMnuz Herman Mashaba, uthe ngeke baseseke isiphakamiso.
“Umgomo wokuqala ukuze usebenze kwiJMPD uthi kumele ube ngowaseNingizimu Afrika futhi okwesibili sinenqwaba yabaneziqu abalindele ukusebenza.”
I-EFF eGauteng ithe ayihambisani nesiphakamiso. Ithe uma kunenkinga yolimi uhulumeni kumele uqeqeshe amaphoyisa ukuze akwazi ukuxhumana kangcono nemiphakathi asebenza kuyo.
“Abukho ubufakazi obuveza okushiwoyo kokuthi iJMPD neSAPS bayahluleka ukulwa nobugebengu ezindaweni ezinabantu abaningi bokufika ngenxa yokuvinjwa wulimi.”