USEPHENDUKE inkomo edla yodwa umshumayeli webandla laMaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, okhala ngokuthi ukhishwa inyumbazana ngoba wakhuluma nabaseThembezinhle.
UMnuz Felezwini Zakwe, odabuka eMsinga, uphethe isikhundla sokuba ngumshumayeli wohambo, okuchaza ukuthi uhambela amathempeli ahlukene, ashumayele khona. Imvamisa kwabaseThembezinhle nabaseBuhleni abadli ogqokweni lunye njengoba kunombango wobuholi usaqhubeka ezinkantolo phakathi kwabo.
UZakwe ukubeke kwacaca ukuthi uhambisana nenkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu, uqale ukuba yiNazaretha ngo-1991, kusabusa inkosi Amos Shembe, iNyangayezulu.
Uthi into eyamdonsela amanzi ngomsele wukuthi wemukela abaseThembezinhle bezombona, eshonelwe yingane kanti kukhona abazomceba kwabaseBuhleni. Emuva kwalokho abasamfuni emathempelini usolwa ngokuba wumdayisi.
“Ngifuna ukuveza kucace ukuthi mina ngihamba noNyazi futhi ngiyaluthanda. Angingene embangweni. Ngifuna ukusonta. Ngizisontela ngedwa ekhaya manje ngoba sengibonile ukuthi angisafunwa wumuntu. Ngiyafisa ilungiswe le nto, ngiqhubeke ngihlanganyele nabanye esontweni,’’ kubalisa uZakwe ozifikele emahhovis eSolezwe ngeSonto ekhathazekile.
Uthi ubesethempelini, iDumiseka, oThongathi ngaphambi kokuba athole isikhundla sokuba wumshumayeli wohambo. Uveze ukuthi usezame kaningi exhumana nabantu abehlukene ebandleni ukuze kulungiswe udaba lwakhe, waze wazama nokuyobona uNyazi, kwasho ukuthi lumatasa nomsebenzi. Ukhale ngokuthi inkinga yakhe iwuphethe kabi nomndeni wakhe, kawusakwazi nawo ukuya esontweni, sekusontwa kwakhe.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe uyamazi uZakwe nodaba lwakhe uyalwazi, useke walubika. Uthe uZakwe akukho owayezokwenza uma abantu bezombona eshonelwe, wayengeke abajikise.
“Ngiyambona uZakwe waseMsinga, uhamba nalo impela uNyazi, akaze ashintshe. Ngibona ukuthi kufanele ngixoxe nomvangeli wakhe, ilungiswe khona namuhla le ndaba. Sizozama impela ukuthi sithintane. Ngiyazibophezela ukuthi sizolungisa,’’ kuchaza uMncwabe.