INKANTOLO eNkulu yaseThekwini imlahle ngamacala umshayeli wetekisi owadlwengula wabulala ayephuza naye.
USamkelo Victus Dube (33) ubebhekene necala lokudlwengula aphinde abulale umufi, uNkzs Sbahle Faith Biyela (17) eFolweni, ngo-Okthoba 5, 2022.
Ubebekwe necala lokushaya alimaze umngani kamufi ophinde waba ngufakazi kuleli cala, uNksz Thandiwe Princess Shange.
UDube kuthiwa wayeshayela amatekisi asuka eFolweni eya eThekwini. Ngosuku lwesehlo kuthiwa ephuma emsebenzini ntambama wahlangana nomufi ehamba noNksz Shange.
Kuthiwa wababuza ukuthi bayaphi, bamphendula ngokuthi bayothenga utshwala.
Kuthiwa uDube wahamba nabo waya endlini yakhe wabatshela ukuthi bangakhathazeki uyena ozothenga utshwala.
UDube waphuma wayothenga utshwala, kuvela ukuthi wabuya ephethe ugologo nesinye isiphuzo esinamaphesenti eqile ayekade engaphathiswanga sona.
Esebuyela endlini bambuza ukuthi kungani wathenga ugologo nesiphuzo abangasicelanga, wabaphendula ngokuthi yibona obebukhona.
Ugologo kuthiwa wawuminya mawala uDube, ngemuva kwalokho waqala wacathamela umufi njalo uma ephuma eyochama.
Akagcinanga lapho kuthiwa wancoma nephenti likamufi elimnyama, wathi useyahluleka ukuzibamba ngoba ufake iphenti elinombala awuthandayo.
Lobu ubufakazi obanikezelwa nguNksz Shange ngaphambilini enkantolo. Sebegoduka umufi noNksz Shange kuthiwa wavuka umbhejazane wakheqa umufi emnqabela ukuthi ahambe waze wamgwaza esiphongweni nge-screwdriver.
Izolo, iJaji uBroos Bedderson limthole enecala lokushaya, lokudlwengula nelokubulala.
"Inkantolo ikuthola unecala lokushaya ngenhloso yokulimaza futhi ikuthola unecala lokudlwengula nelokubulala. Okubuhlungu ukuthi awuzange nakanye ukhombise ukuzisola,’’ lisho kanjena.
Liqhuba, likhale ngokuthi uDube wayehubhuza akabhejane uma etshela inkantolo ukuthi waphaphama ekuseni sekunesidumbu phambi kwakhe.
UBedderson ukhale nangesihluku esakhonjiswa uDube njengoba esebenzise ubufakazi bukaSayitsheni Mjabulelwa Mbeko owaveza ukuthi isidumbu sasinenqwaba yamanxeba emzimbeni, kunendwangu emhlophe esasishuthekwe yona emlonyeni, ubhodisi ususiwe, nemilenze ivuleke kakhulu nesitho sangasese sihlezi obala.
“Indlela isidumbu iphoyisa elithi laliyisona kuveza ngokusobala ukuthi ungumuntu wesilisa onesihluku. Kungumsebenzi wezinkantolo ke ukubasusa emehlweni omphakathi abantu abafana nawe,’’ kusho ijaji.
UDube wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-Okthoba 13, esecashe emzini kanina oseChesterville.
Kuvele nokuthi uDube ngaphambilini, wake wadlwengula intombazane engumakhelwane wakhe ngokuhamba kwesikhathi agcina esethandana nayo.
Amalungu omndeni kamufi asishayele ihlombe isinqumo senkantolo.
Namhlanje kulindeleke ukuthi inkantolo imgwebe uDube.