UMBIKO woMnyango wezokuThutha uveza ukuthi wubudedengu bomshayeli weloli obuholele engozini edlule nabantu abawu-20 emgwaqweni u-N2 oPhongolo.
Kwabashonile kukhona izingane zezikole eziwu-18 ezineminyaka ephakathi kwemihlanu no-13 nabantu abadala ababili bonke ababesevenini.
Izolo, uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula wethule umbiko ngokwaholela engozini, wathi umshayeli weloli wayesika endaweni okungafanele asike kuyona futhi kufanele abhekane namacala okubulala ngokungenhloso.
“Lo mshayeli wayehamba ohlangothini lwezimoto okufanele ukuthi uphambana nazo kodwa yena wagcina esebhekana nazo ngqo. Wayebeka impilo yakhe neyabanye abashayeli engcupheni ngalobu budedengu. Umbiko sizowudlulisela kumshushisi wamacala omphakathi,” kusho uMbalula.
Uthe bazokwandisa amaphoyisa abawatshala emgwaqweni, ukuze baqinise ezokuphepha nokuthi imithetho yomgwaqo iyalandelwa kuN2.
Uveze ukuthi babeke eceleni uR2.5 billion wokunweba uN2 ukuze ube nemizila emibili ezinhlangothini zombili futhi bazofaka nonqenqema oluzokwenza kungabi lula ukuthi abashayeli basike.
UMbalula uthe akukho emthethweni ukuthutha izingane ngeveni kodwa wabonakala enengeka uma izintatheli zimbuza ukuthi yikuphi okwenziwa wumnyango wakhe ukuqinisekisa ukuthi imithetho yomgwaqo iyalandelwa.
Uthe bazoqinisekisa ukuthi uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, unamandla okuqoka umuntu ozimele ukuze aphenye ukuziphatha kwabanikazi bamaloli, bese kuthathwa izinyathelo ezifanele.
Ngodaba lokususa amaloli emgwaqweni, uMbalula uthe basebenzisana neTransnet ukuqinisekisa ukuthi impahla ithuthwa ngamaguzu ukuze kunciphe amaloli emgwaqweni.
Umbiko wakhe uveze ukuthi umqwaqo uN2 ngasoPhongolo unezingqinamba zesiminyaminya samaloli, ukungaphephi kwabahamba ngezinyawo, ukungabi bikho kwamathuba okudlula kwezimoto ezincane eziphoqeleka ukuthi zicinane kulayini wamaloli nokuhamba kwamaloli amakhulu.
Uthembise ukuthi zonke lezi zinkinga bazozixazulula besebenzisana nezinhlaka ezihlukene.